Izilomo zithungatha eseTKO
IZILOMO zabadlali, uWillard Katsande weKaizer Chiefs noDarren Keet weBidvest Wits, zisathungatha izicoco zazo zokuqala zeTelkom Knockout.
Bobabili bayizethenjwa emaqenjini abo. Sebezinqobe zonke izicoco ezimqoka ngaphandle kweseTKO. UKatsande ujoyine Amakhosi ngo-2011. Ufike wanqoba izicoco ezine. Usehlabane ngezicoco ezimbili ze-Absa Premiership, eseNedbank Cup neseMTN 8.
Eseligi usinqobe ngo-2012/2013, esinye wasinqoba ngo2014/2015. Ngo-2013 uKatsande unqobe eseNedbank Cup, ngo2015 wakhala wemuka neseNedbank Cup. ITelkom Knockout yisona kuphela isicoco aseshoda ngaso eNingizimu Afrika. IChiefs sekuphele iminyaka eyisikhombisa izama ukunqoba lesi sicoco ngaphandle kwempumelelo.
Igcine ukusiphakamisa ngo-2010 ngesikhathi ibhudluza i-Orlando Pirates ngo 3-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli. Kusuka lapho iChiefs ayikaze iphinde isinqobe lesi sicoco. UKatsande ube khona ezakhe zibhabhadiswa yiMamelodi Sundowns ngo 3-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kowamanqamu weTKO.
Ngaphandle kokunqoba izicoco neChiefs uKatsande useke wamela ngisho izwe lakhe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) kodwa lutho ukuhlabana ngesicoco seTKO. UKatsande ubengukaputeni ekuqaleni konyaka ngesikhathi iZimbabwe idlala kwi-Afcon eGabon.
UKatsande kumele asize iqembu lakhe lidlule kwiWits ukuze akwazi ukufeza isifiso sakhe sokugcwalisa umgodla wakhe wezindondo ngokufaka asashoda ngayo. IWits azobhekana nayo ibophele uKeet oqokwe waba ngunozinti ovelele kwi-Absa Premiership ngesizini
edlule. UKeet naye isimo sakhe sifana ncamashi nesikaKatsande. Usezinqobe zonke izicoco ezikhona eMzansi kodwa eseTKO sisalokhu simphike njalo. Ngo-2010, uKeets udle umhlanganiso kwiNedbank Cup neWits ngesikhathi ixebula AmaZulu ngo 3-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli. Ngesizini edlule uKeet usize iWits yaba ngompetha be-Absa Premiership neMTN 8. NjengoKatsande, lo nozinti weWits useke walimela izwe lakhe kwiAfcon. Ube khona iBafana idlala kulowo mqhudelwano ngo-2015 e-Equatorial Guinea. I-TKO iyona aseshoda ngayo. Iqembu lakhe iWits lagcina ukuyinqoba ngo-1995 liguqisa iPirates.