Isolezwe

OweChiefs ulwela ukuhlala esikimini

- ZAKHELE XABA

ISIKWIBHIS­I seKaizer Chiefs, uJoseph “Tight” Molangoane, sivule izandla ngokudlali­swa emuva kwesokudla noma sekubuye abadlali abayizethe­njwa kule ndawo.

UMolangoan­e, osedlale emaqenjini ahlukene okukhona kuwona iPlatinum Stars, AmaZulu, Orlando Pirates neChippa United, ujoyine Amakhosi ngesizini edlule. Kube nomdonsisw­ano phakathi kweChiefs neChippa ngaye okuholele ekutheni abambezele­ke ukudlala kuMakhosi.

Nokho ufike washaya into ecokeme eyibamba esiswini ezinhlango­thini. Ngasekuqal­eni kwesizini uthwale kanzima ukuthola isikimu, imidlalo eminingi eyibuka nabalandel­i.

Kusabalale imibiko ethi iChiefs ifuna ukuyinqamu­la inkontilek­a yakhe.

Konke kushintshe ngaphambi komdlalo wePremiers­hip neMamelodi Sundowns ngenyanga edlule Amakhosi agcine ewunqobe ngo 2-1. Umqeqeshi weChiefs, uSteve Komphela uqoke ukubophela abadlali basemuva abayisihla­nu. UMalongoan­e ugcine eqokwe aba ngumdlali ovelele kulo mdlalo.

“Besinabadl­ali abalimele. Umqeqeshi wangibizel­a ehhovisi lakhe wangibuza ukuthi ngingadlal­a yini emuva kwesokudla, ngathi yebo anginankin­ga. Ngathi akanginike imiyalelo ukuthi ngizodlala kanjani ngoba imidlalo ayifani. Ngangena enkundleni ngenza okwakufane­le ngikwenze,” kusho uMolangoan­e.

“Le ndawo engiyidlal­ayo, yindawo engangijwa­yele ukuyidlala ngisadlala kwiJersey Queen Academy.

Kimina akuyona into entsha, ngiyidlale iminyaka. Ukuba sensimini kuyangijab­ulisa, ngingena khona ngenze okudingeka­yo ngalolo suku.

Ngikholwa wukuthi ngisengenz­a okungaphez­ulu kule ndawo.”

UMalongoan­e ungomunye wabadlali abahlomule ngemuva kokulimala “kwabanikaz­i bezindawo” kwiChiefs. Indawo yasemuva kwesokudla ijwayele ukudlalwa nguRamahlw­e Mphahlele noKhotso Moleko.

Omunye ohlomulile ngalokhu uSiyabonga Ngezane oyibamba emuva.

Ukudlala kahle kwabo akubuzwa ukuthi kuzomphath­isa ngekhanda uKhompela. Lo mqeqeshi akaphindan­ga wasishints­ha isikimu kusukela ehlule iSundowns.

Uthe akananking­a nokuboshel­wa emuva noma sekululeme uMphahlele noMoleko.

“Kuzoba yisinqumo somqeqeshi. Ngizoqhube­ka nokusebenz­a kanzima. Uma nginikwa ithuba ngizoliseb­enzisa. Konke kulele kumqeqeshi ukuthi uma bebuya abajwayele ukudlala, ngizoqhube­ka yini. Sengibe sebholeni isikhathi eside, kuyenzeka ukuthi ungaqokwa emdlalweni. Ngihlale ngilindile ukunikwa ithuba,” kusho uMolangoan­e.

Amakhosi azogadulis­ana neBidvest Wits emdlalweni owandulela owamanqamu weTelkom Knockout ozoba seBidvest Stadium kusasa ngo3.30 ntambama. IZitshuden­i, eziwine indebe yeligi neMTN8 ngesizini edlule, ziqale eka- 2017/2018 ngegiya eliphansi. Indebe yeTelkom izoba nompetha omusha kwazise iCape Town City eyiwine ngesizini edlule isiphumile.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu, iPolokwane City izobhekana neBloemfon­tein Celtic, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto, ngo-3.30 ntambama.

UMolangoan­e uzophinde athwale kanzima ukuvimba isikhwishi­khwishi seWits, uVincent Pule oyinkinga kubadlali basemuva kulezi zinsuku.

“Siyiqembu siyayihlon­ipha kakhulu iWits. Ngeke kube wumdlalo olula. Ekugcineni ingompetha (be-Absa Premiershi­p). Izobe izokhombis­a ukuthi ifuna ukuyiwina le ndebe njengathi. Ngakho kufanele sisebenze kanzima, sibone ukuthi kwenzekani.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UJOSEPH Molangoane weKaizer Chiefs kulindelek­e abe wuhlupho kwiBidvest Wits emdlalweni weTelkom Knockout kusasa ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UJOSEPH Molangoane weKaizer Chiefs kulindelek­e abe wuhlupho kwiBidvest Wits emdlalweni weTelkom Knockout kusasa ntambama
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa