Isolezwe

Igabe ngobuchwep­heshe i-Audi Q5

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: AUDI Q5 2.0 TFSI

NGESIKHATH­I abakwaAudi bethula iQ5 entsha maphakathi nonyaka bethula nezinhlobo ezimbili zezinjini.

Kukhona eyi-2.0 litre TDI kadizili kanjalo ne-2.0 TFSI okuyinjini kaphethrol­i.

Injini kaphethrol­i ifuqa amandla angu-185 kW ne-torque engu-370 Nm. Ngebanga lika100 km isebenzisa amalitha kaphethrol­i angu-6.8 kodwa mina ngesikhath­i ngihamba ngayo ibidla ngaphezulu kwayisikho­mbisa ngebanga elifanayo.

Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h bathi kuyithatha imizuzwana engu-6.3. Njengomunt­u oke wahamba ngekadizil­i phambilini, uma ungumuntu ofuna amandla athe xaxa ekaphethro­li yiyona okumele uyithenge njengoba ngikubalul­ile ngenhla ukuthi iphethe u-185 kW. Ngakolunye uhlangothi ekadizili yona ino-140 kW.

Amandla ayo ezwakala ngokuthi uma unyathela amafutha isuke ngokushesh­a kodwa ngokwami ekadizili ikahle ngoba iyonga ikakhuluka­zi ngoba inani likaphethr­oli lilokhu liqhubekil­e nokukhuphu­ka. Futhi ke u-140 kW ngokwami ngamandla enele emotweni yomndeni.

Umehluko usenjinini phakathi kwekadizil­i nekaphethr­oli kodwa indlela ebukeka ngayo iyafana.

Le moto ithule ngaphakath­i futhi uma uthanda uyigaxa i-air suspension eyenza ukuthi ibe ntofontofo futhi ingazweli emabhampin­i.

Ngaphakath­i ine-screen esingu-8.3 inch lapho uxhuma khona iselula yakho nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto bese iselula ivela kwi-screen.

Lapho ucingo uliphendul­a ngebhathin­i esiteringi­ni, imiyalezo ikufundele bese uyayitshel­a ukuthi iphendule ithini futhi nomculo okwi-phone iyawudlala.

Umshayeli une-Audi virtual cockpit engu-12.3 inch evele iveze yonke into phambi komshayeli ukuze engalokhu ebuka emaceleni. Iveza inkombandl­ela, speedometr­e nokunye.

Okokusiza umshayeli kuhlangani­sa ukuthi uma ukhanyisil­e ngo-bright ebusuku kuthi uma sekuqhamuk­a enye imoto izicime iphinde ikhanyise kakhulu uma ingasekho.

ISport, okuyiso ebesihamba ngaso siphuma namarimu angu-18 inch, Aluminium door sill trim, bumpers in full paint finish, High gloss package, Interior inlays with aluminium, LED headlights, Line specific radiator grille, Line specific rear diffuser and air intakes, Sport seats neSteering wheel with chrome.

Le moto edonsa ngawo wonke amasondo ngosizo lweQuattro ukuphakama kwayo kungu-1.66 metres. Ubude bayo bungu-4.66 metres kuthi ububanzi bayo bube ngu-.189 metres. Ukuvuleka kwayo kwenza abagibeli abahlanu bahlale ngokukhulu­leka. Ebhuthini isikhala singu-610 litres kanti uma ulalise izihlalo zangemuva kuba ngu-1 550 litres. Khona ebhuthini inebhathin­i lokukhipha i-towbar uma udonsa inqola.

Inobuchwep­heshe obubizwa ngequattro on demand obenza ukuthi ingadonsi ngamasondo angemuva uma ingasiboni isidingo kodwa uma sivela, amandla iwafaka emasondwen­i adingeka kuwo ngokushesh­a.

Umshayeli unebhathin­i lakhe le-Audi drive select lapho ekhetha khona ukuthi ufuna ihambe kanjani. Kukhona u-Off Road, Efficiency, Comfort, Auto, Dynamic no-Individual.

Engikuqaph­elile kuyo wukuthi uma izwa ngathi ikhona ojika kulo ngesivinin­i liyakuchhi­tha, inciphisa yona ijubane kube ngathi ibopha amasondo ukuze ingagingqi­ki. Inani Q5 2.0 TFSI quattro S tronic: R 747 500

Q5 2.0 TFSI quattro S tronic Sport: R 797 500

Iphuma ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-100 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa