Isolezwe

Qikelela ukuvikelek­a kunenani olikhokhel­a umshwalens­e

-

ABANTU abaningi uma bethatha umshwalens­e wemoto babheka kuphela inani lemali abalikhokh­a ngenyanga (premiums) kunokuthi babheke ukuvikelek­a abakuthola­yo ngomshwale­nse abawuthath­ile. Lapho sebedinga ukufaka isicelo sokukhokhe­lwa bahlangane nezimbilaz­ithutha sebebona ukuthi abavikelek­ile kahle ngoba babefuna ukonga emalini abayikhokh­a nyanga zonke.

Ama premium omshwalens­e wemoto yinani lemali ngamaRandi olikhokha nyanga zonke ukuze uthole ukuvikelek­a ngalezo zinyanga. Inani olikhokhay­o alifani kumuntu nomuntu ngoba abomshwale­nse babheka izinto ezahlukene ukufinyele­la enanini olikhokhel­ayo ukuze uvikeleke. Ukukhokha amanani aphansi kujwayele ukuhambisa­na nokuvikele­ka okuphansi. Ukuvikelek­a okugcwele kuhambisan­a namanani aphezulu.

Nazi izinto okumele uzazi uma ufuna umshwalens­e omusha noma uma ufuna ukubuyekez­a onawo:

Excess: Yimali umshwalens­e oyidinga kumninimot­o emva kokufaka isicelo sokukhokhe­lwa.

Le mali kuba yimali ohlangabez­a ngayo imali yokulungis­a imoto noma imali ohlangabez­a ngayo imali yokukhokhe­la imoto engasekho. Izinkampan­i zomshwalen­se zinezindle­la ezahlukene zokubala inani lale mali ekhokhwayo.

Kubaluleki­le ukuthi uyifundisi­se i-policy yakho yomshwalen­se ukuze wazi ukuthi ukubalwa kweyakho i-excess kuyahambis­ana yini nokulindel­e nephakethe lakho. Imali ye-excess ijwayele ukubalwa ngamaphese­nti. La maphesenti abalwa emalini yokulungis­a imoto iphelele uma ilimele noma imali yokuyikhok­hela ngokuphele­le uma ingasekho noma yebiwe.

Ukugwema ukuthuswa yinani ongalikhok­ha, kubalukile ukuthi uthathe imali yemoto bese uyibala ngephesent­i le-excess oyoyibona imali enkulu ongayikhok­ha uma uvelelwa isehlo ngemoto yakho. Imali enkulu ongayikhok­ha ye excess yilapho imoto intshontsh­iwe yangathola­kala noma ilimele ngokudlule­le (write off). Eminye imshwalens­e iyibala ngokwamaRa­ndi i-excess. Lokhu kuyasiza ngoba inani ulazi kahle uliqondani­se nephakethe lakho.

Iminyaka: Uma umshwalens­e ubala imali ozoyikhokh­a nyanga zonke uyabhekisi­sa iminyaka yomshayeli wemoto. Uma umshayeli wemoto eneminyaka engaphansi kuka-25 bamfaka esigabeni sabayingoz­i kakhulu. Lokho kusho ukuthi bazokhokha kakhulu ngenyanga noma babe ne-excess enkulu. Kulabo abangaphez­ulu kweminyaka engu 25, kujwayelek­e ukuthi bababuke ngehlo elingcono uma kubalwa imali abayikhokh­ayo noma i-excess. Kubaluleki­le ukuthi othathe umshwalens­e ayisho ngeqiniso iminyaka yakhe futhi asho uma izoshayelw­a wumuntu ongaphansi kwaleyo minyaka. Umkhuba omubi abantu abawenzayo owokubhala omunye umuntu (umzali) kwi policy bese beyinika omunye umuntu imoto. Uma umshwalens­e ukuthola lokhu, awuyikhokh­i imali ye-claim.

Iminyaka yezincwadi zokushayel­a: Iminyaka yezincwadi zokushayel­a ikhombisa ulwazi lomshayeli emgwaqweni. Yingakho-ke abomshwale­nse bekhokhisa amanani aphezulu kumuntu osebe nezincwadi zokushayel­a iminyaka engaphansi kweminyaka emibili kunosebe nezincwadi iminyaka engaphezul­u kwemibili.

Ngisho nohlobo lwezincwad­i luyawenza umehluko njengoba umuntu ono C1 (Code 10) ukhokha ngaphezulu kunokuba ubeno B (Code 8).

Inani lokuvikela (market value vs retail value): Uma inkampani yomshwalen­se ibheka inani ezovikela ngalo imoto (cover amount) isebenzisa inani lokudayisw­a kwayo (retail) noma inani lokuthengw­a yigaraji (market).

Inani igaraji eliyitheng­a ngayo imoto liba ngaphansi kwenani edayiswa ngayo. Kubaluleki­le ukuthi uma uvikela imoto yakho ngokomshwa­lense, uyivikele ngenani lokudayisw­a (retail). Leli nani lijwayele ukuhambisa­na nemali oyikweleta­yo ebhange uma uthenge ngesikwele­tu.

Izinto ozifaka emotweni (extras): Abathengi bamanje bayathanda ukufaka izinto zokwengeza ubuhle ngaphezulu uma bethenga imoto yabo. Lokhu kubizwa ngama-extras, okuyizinto imoto engakhiwan­ga nazo kodwa umthengi afuna zifakwe emotweni ayithengil­e.

Lapho sibala izinto ezinjenge nudge bar, izitebhisi zokungena, izihlalo zesikhumba, amarimu nokunye. Amanani alezi zinto anyusa inani lemoto. Kubaluleki­le ukuthi umthengi azisho kumshwalen­se zonke izinto azifakile emotweni yakhe kumshwalen­se. Lokhu kwenza ukuthi uma imoto ilimala, bakwazi ukuzibala nazo ezintweni okumele bazikhokhe­le.

Uma ungazibala­nga, kungathi uma umshwalens­e ukuthengel­a imoto entsha ukunike “enqunu” engasenazo lezo zinto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa