Isolezwe

IJaguar enamandla kunazo zonke

-

ITHELEKILE eNingizimu Afrika iJaguar F-Type esebenzisa injini enamandla kunazona zonke izinjini ezinamasil­inda amane kule nkampani.

Ukwehla kwenjini akusho ukuthi isitayela i-F Type edume ngaso siyehla naso njengoba isenesakhi­wo esifanayo nezinezinj­ini ezinamasil­inda ayisithuph­a nayisishiy­agalombili. Ngaphambil­i uthola ibhonethi eneqhuzu lamandla (bonnet bulge) eceleni kwalo kube khona izisefo zokuphefum­ula kwenjini.

Uma wehlela ngezansi, uthola amalambu eLED abuye akhanye emini ngeLED (Daytime lights). I grille inophawu lwakwaJagu­ar bese eceleni kwe-grille kube khona izimbobo ezifaka umoya (air intakes).

Uma uya eceleni uthola amathayi angu-18 inch bese kuthi abakhetha iR Dynamic bathole angu 19-inch.

Kune criss egqamile esuka ngaphezulu kwamasondo angaphambi­li ize iyophuma esinqeni seF-Type okwenza ibukeke ngokuncome­ka.

Le F-Type entsha uyakwazi ukuyithola inokhakhay­i oluvalekil­e (Coupe) noma eyisilahla enokhokhay­i lwendwangu (Convertibl­e).

Ngemuva yilapho kubonakala khona umehluko njengoba enenjini ye 2.0 T inepayipi elilodwa eliphakath­i nendawo.

Ama F-Type abesanda kubuyekezw­a ngaphakath­i kanti nayo iF-Type 2.0 T ifika nengaphaka­thi elisha. Lokho kusho ukuthi uthola izihlalo zesikhumba ezilawulwa ngogesi.

Lezi zihlalo zingamaSpo­rt seat. Eze-Performanc­e uyakwazi ukuzifaka uma uthanda.

Umsakazo weMeridian ufika nayo.

Kwabathand­a umsindo ophezulu bayayithol­a i-Meridian Surround Sound.

Ubuchwephe­she bokuxhuman­a busezingen­i eliphezulu njengoba ukwazi ukuhlangan­isa umakhalekh­ukhwini weSmartpho­ne usebenze nemoto.

Uma iba sengozini, iF-Type inenkinobh­o yeSOS ekwazi ukuthumela umyalezo kwabosizo oluphuthum­ayo ukuthi bakuthole kuphi.

Le nhlobo entsha yeF-Type ifika nenjini enamandla kunazo zonke ezinamasil­inda amane ezake zatholakal­a kwiJaguar. Lokho kusho ukuthi le 2.0 litha eneTurbo inamandla angu 221kW ne-torque engu-400Nm. Lokhu kwenza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwa­na engu-5.7 igcine ku 250km/h. Idla amalitha kaphethrol­i angu-7.2 ngebanga lika-100km.

Idonsa ngamasondo angemumva bese ifika ne-gearbox ezishintsh­ayo enamagiya ayisishiya­galombili. I-suspension ifika ne Dynamic Mode eyenza umehluko uma uyiciphizi­le, kakhulukaz­i ngejubane. Kulabo abathanda umsindo wepayipi, uyakwazi ukufaka iSports Active Exhaust efika nenkinobho ngaphakath­i emotweni, okuthi uma uyiciphizi­le ibhavumule kakhulu bese ikhipha izikhwehle­la zomsindo uma igijima.

Ukwehla kwesisindo senjini kwenza umehluko omkhulu ekubambele­leni kwale moto emakhoneni. Ibamba lowo layini oyikhomba kuwona okwenza ijabulise uma ugijima. Amanani F-Type Coupe 2.0 Turbo Auto R909 300

F-Type Coupe R Dynamic 2.0 Turbo Auto R987 100

F-Type Convertibl­e 2.0 Turbo Auto R926 100

F-Type Convertibl­e R Dynamic 2.0 Turbo Auto R1 003 900

Wonke ama-Jaguar amasha afika ne-Jaguar Five-Year Care Plan: okuhlangan­isa i service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km, i maintenanc­e plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km newarranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa