IJaguar enamandla kunazo zonke
ITHELEKILE eNingizimu Afrika iJaguar F-Type esebenzisa injini enamandla kunazona zonke izinjini ezinamasilinda amane kule nkampani.
Ukwehla kwenjini akusho ukuthi isitayela i-F Type edume ngaso siyehla naso njengoba isenesakhiwo esifanayo nezinezinjini ezinamasilinda ayisithupha nayisishiyagalombili. Ngaphambili uthola ibhonethi eneqhuzu lamandla (bonnet bulge) eceleni kwalo kube khona izisefo zokuphefumula kwenjini.
Uma wehlela ngezansi, uthola amalambu eLED abuye akhanye emini ngeLED (Daytime lights). I grille inophawu lwakwaJaguar bese eceleni kwe-grille kube khona izimbobo ezifaka umoya (air intakes).
Uma uya eceleni uthola amathayi angu-18 inch bese kuthi abakhetha iR Dynamic bathole angu 19-inch.
Kune criss egqamile esuka ngaphezulu kwamasondo angaphambili ize iyophuma esinqeni seF-Type okwenza ibukeke ngokuncomeka.
Le F-Type entsha uyakwazi ukuyithola inokhakhayi oluvalekile (Coupe) noma eyisilahla enokhokhayi lwendwangu (Convertible).
Ngemuva yilapho kubonakala khona umehluko njengoba enenjini ye 2.0 T inepayipi elilodwa eliphakathi nendawo.
Ama F-Type abesanda kubuyekezwa ngaphakathi kanti nayo iF-Type 2.0 T ifika nengaphakathi elisha. Lokho kusho ukuthi uthola izihlalo zesikhumba ezilawulwa ngogesi.
Lezi zihlalo zingamaSport seat. Eze-Performance uyakwazi ukuzifaka uma uthanda.
Umsakazo weMeridian ufika nayo.
Kwabathanda umsindo ophezulu bayayithola i-Meridian Surround Sound.
Ubuchwepheshe bokuxhumana busezingeni eliphezulu njengoba ukwazi ukuhlanganisa umakhalekhukhwini weSmartphone usebenze nemoto.
Uma iba sengozini, iF-Type inenkinobho yeSOS ekwazi ukuthumela umyalezo kwabosizo oluphuthumayo ukuthi bakuthole kuphi.
Le nhlobo entsha yeF-Type ifika nenjini enamandla kunazo zonke ezinamasilinda amane ezake zatholakala kwiJaguar. Lokho kusho ukuthi le 2.0 litha eneTurbo inamandla angu 221kW ne-torque engu-400Nm. Lokhu kwenza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-5.7 igcine ku 250km/h. Idla amalitha kaphethroli angu-7.2 ngebanga lika-100km.
Idonsa ngamasondo angemumva bese ifika ne-gearbox ezishintshayo enamagiya ayisishiyagalombili. I-suspension ifika ne Dynamic Mode eyenza umehluko uma uyiciphizile, kakhulukazi ngejubane. Kulabo abathanda umsindo wepayipi, uyakwazi ukufaka iSports Active Exhaust efika nenkinobho ngaphakathi emotweni, okuthi uma uyiciphizile ibhavumule kakhulu bese ikhipha izikhwehlela zomsindo uma igijima.
Ukwehla kwesisindo senjini kwenza umehluko omkhulu ekubambeleleni kwale moto emakhoneni. Ibamba lowo layini oyikhomba kuwona okwenza ijabulise uma ugijima. Amanani F-Type Coupe 2.0 Turbo Auto R909 300
F-Type Coupe R Dynamic 2.0 Turbo Auto R987 100
F-Type Convertible 2.0 Turbo Auto R926 100
F-Type Convertible R Dynamic 2.0 Turbo Auto R1 003 900
Wonke ama-Jaguar amasha afika ne-Jaguar Five-Year Care Plan: okuhlanganisa i service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km, i maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km newarranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.