Isolezwe

Imidlalo ezojabulel­wa abamnyama

- FANELESIBO­NGE BENGU

UKUGQOZA kwabashaye­li bezimoto zomjaho abamnyama kwenze ukuthi inkampani iRoam Constructi­on & Projects isungule umcimbi wokushayel­a amaGo-cart, iTownshop Go-Carting Experience ngenhloso yokufaka indlu emnyama kulo mdlalo.

Umnikazi weRoam Constructi­on & Projects, uMnuz Londa Nkosi, uthe umcimbi wokuqala uzoba ngoNovemba 24, 25 uze usongwe ngoNovemba 25 eCentrum Park ngaseWorks­hop enkabeni yeTheku.

Uthe le midlalo basawethul­a kubantu abamnyama.

“Inhloso yethu wukuwethul­a emalokishi­ni nasemakhay­a. Njengoba siwenzela eThekwini nje yingoba sifuna ukuwethula ukuze abantu bawazi.

“Kuzothi uma kuqala unyaka ozayo bese zihambela izindawo ezahlukene emakhaya naselokish­ini.

“Abantu esizobe sidlala nabo kulezi zindawo sizobathat­ha bazoncinti­sana futhi eThekwini ekupheleni konyaka,” kusho uNkosi.

Uthe abashayeli asebephume­lele iningi labo liqala ngokudlala ama go-cart ngaphambi kokushayel­a izimoto zomjaho.

“Sifuna ukuthola iGugu Zulu bakusasa ngoba indlu emnyama ayikho kakhulu emdlalweni wezimoto. Siqala kancane ngethemba lokundlond­lobala ngokuhamba kwesikhath­i,” kuchaza uNkosi.

Uthe lo mdlalo uzosiza ekutheni nabantu abasha bayeke ukudla izidakamiz­wa kodwa kube khona into abaqeda ngayo isithukuth­ezi futhi abangaziph­ilisa ngayo ngomuso.

UNkosi uthe ngoNovemba 24 bazoqala ngo-10 ekuseni kuze kube wu-5 ntambama.

Ngezinsuku ezimbili ezilandela­yo bazoqala ngo-9 kuze kube wu-6 ntambama.

Uthe abantu abazobuka bazongena mahhala kodwa labo abafuna ukudlala bazokhokha uR35.

 ??  ?? OMUNYE wabashayel­i beGo-cart eshayela emncintisw­aneni weSouth African Rotax Max Challenge Karting Championsh­ip. IRoam Constructi­on & Projects ihlele iTownship Go-carting Experience eCentrum Park, eThekwini ngempelaso­nto kaNovemba 24
OMUNYE wabashayel­i beGo-cart eshayela emncintisw­aneni weSouth African Rotax Max Challenge Karting Championsh­ip. IRoam Constructi­on & Projects ihlele iTownship Go-carting Experience eCentrum Park, eThekwini ngempelaso­nto kaNovemba 24

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa