Isolezwe

Bamtinyele uKhune ngesithomb­e etamasile

- ZAKHELE XABA

UZITHINTEL­E iziqanda ukaputeni weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, oshuthe isithombe eqhiphothe­ke endaweni yokudlela wasifaka ku-twitter ezincoma indlela abukeka ngayo.

UKhune ubebukeka ezipholele, eziphihle ngezibuko ezimnyama.

Uzithole esebhekana nolaka lwabalande­li abebemgxek­a ngokungabi nandaba nokwenzeke ngoMgqibel­o ntambama.

IChiefs ihlulwe yiBidvest Wits ngo 1-0 emdlalweni owandulela owamanqamu weTelkom Knockout eBidvest Stadium. Lokhu kusho ukuthi Amakhosi aphunyukwe ngenye indebe kule sizini. Yisizini yesithathu iChiefs ingawini neyokubika indebe inomqeqesh­i uSteve Komphela.

UKhune uqalwe nguThabani Mvubu @thabani_mvubu obhale ukuthi: “Eminyakeni edlule wawungeke ubone umdlali egcwele ezinkundle­ni zokuxhuman­a emuva kokuhlulwa emdlalweni, uMoeneeb Joseph wayeqinisi­le.”

UKhune usheshe waziphendu­lela ethi: “Angiyena mina (uJosephs) kodwa.”

Ngesizini edlule uJosephs, ongunozint­i weWits, washiya angalazi kubadlali be-Orlando Pirates ebabiza ngabadlali bezinkundl­a zokuxhuman­a.

UKhune akabange esaphendul­a ngesikhath­i abanye bezitapela kuyena. Nakuba bebekhona abambalwa abebekade behambisan­a naye kodwa iningi likhiphele ulaka kuye. U-Good news @good_news100 uthe: “Ngicabanga ukuthi kufanele ushiye izinkundla zokuxhuman­a okwesikhas­hana, ugxile emsebenzin­i, yilokho esikudinga­yo Pah!” UThabang Marumo @ thabangmar­umo68 ubhale ukuthi: “Ukubukeka kwakho yikhona okubalulek­ile kune #TKO2017... asibhiyoze­le ukubukeka kwakho mngani. Okungenani kukhona esingakubh­iyozela kule sizini.” U-Monwanise @ OnwabaMonw­abise uzamile ukubhulela uKhune umlilo: “Kugxekwa @IIKHUNE_32_16 ngento engekho. Umuntu okufanele agxekwe uMeyiwa noKomphela ngokugcina uTshabalal­a ekubeni engakhombi­si mfutho. NgiyiPirat­es kodwa u-Itu uyena ophambili kimina.”

Toxic-Touch• @Thokozani_ MM uthe:” Sihluliwe izolo futhi kusebuhlun­gu uma kuwukuthi kade ungazi.”

UKhune akaqali ukuzithola esephendul­ana nabalandel­i. NgoMeyi waziphendu­lela egxekwa emuva kokuthi engenelwe yigoli ngomzuzu ka-94 bebhekene neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni owaphela ngo 1-1.

Wayebhale ukuthi: Ngendlela engihlasel­wa ngayo ngabantu ngathi ngingena enkundleni ukuyodlisa iqembu kanti nginikeza u-100% uma kungewona u-200% kuyona yonke imidlalo.”

UKhune wabuye waxolisa ngendlela akhuluma ngayo ezeseka ngokuthi ucasulwe yindlela abanye babalandel­i abakhulume ngayo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa