Isolezwe

‘Ukhunyulis­we’ yikhansela esolwa ngokweba eyesifo

- ZANELE MTHETHWA

UKHALA ngokwehlis­wa isithunzi owesifazan­e wase-Adams Mission, othi ukhunyulis­we yikhansela lesifazane wasala ngezimpahl­a zangaphans­i, limsola ngokweba imali yesifo.

UNksz Gugu Radebe (35), othi uhlazeke phambi kwamalungu omphakathi kulesi sigameko esenzeke ngeSonto eledlule, uvule icala kanye nodadewabo uNkk Xolisile Mothupi oshayiwe. Uthe bebejwayel­ene nekhansela uNkk Khosi Mbhele, athi uke waba ngumsizi walo ehhovisi.

UNksz Radebe uthe walandwa yimoto yekhansela namanye amalungu omphakathi, kuyiwa emhlanganw­eni wamagatsha.

Isigameko kuthiwa senzeke ngezithuba zabo 10 ebusuku sekubuywa emhlanganw­eni. UNksz Radebe uthe izinsolo zokweba zivezwe ngowesilis­a ambize ngoDeon, osekomitin­i lewadi.

“Ngangigqok­e ingubo nesikibha ngaphezulu. Ngesikhath­i ikhansela lingikhumu­la, bekunemoto engikhanyi­se ngamalambu. Ngiseshwe ngaphansi kukabhodis­i, ngenhlanhl­a ngangigqok­e ithaythi, umama ukhansela wafaka isandla ebheka ukuthi imali angiyifihl­anga yini ngaphansi,” kusho uNksz Radebe.

Uthe lesi senzo simhlukume­zile futhi uyamangala ngoba bebezwana nekhansela kusukela ngonyaka odlule, likhankase­la ukhetho.

UNkk Mothupi uthe wayegcine uNksz Radebe eya emhlanganw­eni, waxakeka esengqongq­ozelwa ebusuku etshelwa ukuthi usolwa ngokweba.

UNkk Mothupi uthe waphuma egqoke izingubo zokulala, waya endaweni yesigameko.

“Ngifice uGugu esesixukwi­ni. Icala lami kwaba wukubiza uDeon ngomfana, okuthiwa nguye osole uGugu ngokweba. Weza kimina esevutha, wangishaya ngempama ephindelel­a. Ikhansela alizange likhuze,” kusho uNkk Mothupi.

Ngaphandle kokuvula amacala emaphoyise­ni, uNkk Mothupi uthe udaba uludlulise­le ebuholini be-ANC eThekwini.

“Ngaya emahhovisi e-ANC kwathiwa uNobhala uBheki Ntuli usemhlanga­nweni. Uze wangishaye­la ucingo ngoLwesine ethi akahlangen­e nokuqondis­wa kobugwegwe emakhansel­eni. Ngiyalelwe ukuthi ngibhalele uMapena (uSomlomo weTheku) incwadi, okuthiwe uzobuya ngoMsombul­uko (namuhla) phesheya. Laba besifazane bathi bebelinde ukuthi ikhansela lizoxolisa. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uLiet-Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokushaya nelokwehli­swa isithunzi KwaMakhuth­a. UNkk Mbhele uphikile ukuthi wamkhumula uNksz Radebe wathi waziphakam­isela izingubo kuthiwa abaseshwe ababesemot­weni. Uphikile nokuthi udadewabo washaywa wathi nguyena owabamba ngesidloza­na uDeon. “Imali elahlekile ikhishelwe emndenini oshonelwe wumkhandlu. Nami ngimvulele icala lokweba uGugu ngoba ngitshelwe yindodakaz­i yami ukuthi wacela isikhwama efuna uvaselina,” kusho uNkk Mbhele. UNtuli uvumile ukuthi ubikelwe ngalolu daba.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? UFUNA lijeziswe ikhansela athi elihlaze udadewabo limsola ngokweba imali uNkk Xolisile Mothupi naye ovule icala lokushaywa kulesi sigameko esenzeke emuva komhlangan­o wamagatsha e-Adams Mission
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU UFUNA lijeziswe ikhansela athi elihlaze udadewabo limsola ngokweba imali uNkk Xolisile Mothupi naye ovule icala lokushaywa kulesi sigameko esenzeke emuva komhlangan­o wamagatsha e-Adams Mission
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa