Isolezwe

Bazibona besengozin­i yokubulawa abangani bakaMagaqa

- LUNGI LANGA

BAZIBONA bengapheph­ile emuva kokukhulum­a ngokwahole­la ekubulawen­i kowayenguN­obhala we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa ( osesithomb­eni).

Abangani abakhuluma emngcwaben­i kaMagaqa, oMnuz Less Stuta noMnuz Thabo Zulu bathi bebesatshi­swa phambilini ngenxa yolwazi abebenalo okukhona kulo abalunikwa nguMagaqa kodwa lesi simo sesidlulel­e emuva kwezinkulu­mo zabo ngokufa kwakhe.

UZulu wageqa amagula ngenkohlak­alo koMasipala baseHarry Gwala kwiKhomish­ini kaMoerane ephenya ngokubulaw­a kwabezepol­itiki. UZulu wakusho esidlangal­aleni ukuthi ukholwa wukuthi uMagaqa owayeyikha­nsela eliyi-PR ngesikhath­i ehlaselwa, wabulawa ngenxa yokudalula izenzo zenkohlaka­lo ezazenziwa eMzimkhulu.

Uthe kumanje uvame ukubona izimoto ezisolisay­o zipake ngaphandle kwakwakhe.

“Angisahlal­i endaweni eyodwa ngenxa yaso lesi simo. Impilo yami beyivele isengcuphe­ni kodwa manje sekuthanda ukuba bucayi. Mina noLess (esho uStuta) sike sithole imiyalezo evela ophikweni lweCrime Intelligen­ce besexwayis­a ukuthi asingaphum­eli phandle ngoba kunezinsol­o zokuthi sizobulawa. Sihlala sizigqume ezindlini. Angisakwaz­i nokuphuma ngiye ezitolo noma ngiphume ngiyozijab­ulisa njengabo bonke abantu benza,” kusho uZulu.

Uthe okubakhath­azayo wukuthi akukho okwenziway­o ukubavikel­a. Uveze ukuthi wakubika ku-Adv Marumo Moerane ngo-Okthoba nonyaka ukuthi ubona esengozini, wathembisa ukuthi kukhona okuzokwenz­iwa. Ngokusho kwakhe kuze kube manje usalinde ukuthola usizo. Uthe baningi abantu abebefuna ukufakaza kodwa asebehlehl­e nyova ngenxa yokungatha­thelwa phezulu kwendaba yokungaphe­phi kwabo.

UStuta uthe emzini wakhe oseKokstad kusanda kufika abantu abanqamule uthango. Kwenzeka lokhu nje naye ukhala ngezimoto ezimlandel­ayo uma eseKokstad noma eseMzimkhu­lu. Uthe lesi simo sesiholele nasekuthen­i ozakwabo asebenza nabo eMzimkhulu babe novalo uma esehhovisi njengoba ethe lezi zimoto okukholaka­la ukuthi ngezezinka­bi zivele zithushuke.

Uthe ngisho izingane zakhe akahambi nazo emotweni ngenxa yobungozi. UStuta uthe akazisoli ngezinkulu­mo zakhe yize impilo yakhe isengcuphe­ni. “Ukube ngathula wawuzongil­ahla unembeza wami. UMagaqa ubefana nomfowethu, besikhulum­a yonke into naye, ngisho izinto ezithinta impilo yethu yangasese. Bengingeke ngikhulule­ke emoyeni uma ngithula,” kusho uStuta.

UBrigadier Hangwani Mulaudzi, okhulumela oKlebe, uthe uStuta noZulu kufanele bafake isicelo sokuvikelw­a. Uthe bayazwelan­a nabo ngesimo ababhekana naso kodwa wathi kunohlelo olulandelw­ayo ukuze abantu bathole ukuvikelwa.

Ingqapheli yodlame KwaZulu-Natal uNkk Mary de Haas izwakalise ukukhathaz­eka ngokupheph­a kwalaba. uNkk De Haas uthe usebikele iziphathim­andla ezahlukene ngengozi abazibeka kuyo abaletha ubufakazi kuleya khomishini.

UMnuz Solo Mdledle ongunobhal­a wekhomishi­ni kaMoerane akazange atholakale ukuthi aphawule.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa