Isolezwe

UNgoye enkingeni ngeziqu zomthetho

- MHLENGI SHANGASE

ISENKINGEN­I inyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye, ngokuthi ingase ilahlekelw­e yilungelo lokufundis­a iziqu zomthetho njengoba umbiko wesikhasha­na we-Council on Higher Education (CHE) uveza ukuthi ibalwa kumanyuves­i amathathu angase aphucwe leli lungelo.

Umbiko uthi amanyuvesi amathathu – eyaseLimpo­po, Kapa ne-Unizulu – aseyalelwe ukuthi ahlangabez­ane nemibandel­a ye-CHE ngoMeyi wonyaka ozayo noma aphucwe ilungelo lokufundis­a iziqu.

Amanyuvesi kuthiwa kudingeka ukuthi achazele umkhandlu ukuthi kungani kumele aqhubeke afundise iziqu zomthetho alethe nohlelo olubuyekez­iwe.

Okhulumela uNgoye, uNksz Gcina Nhleko, uthe inyuvesi izokhipha isitatimen­de ngalokhu.

Inyuvesi yaKwaZulu-Natal, ikhiphe isitatimen­de ithi lo mkhandlu uyinike imvume yokuqhubek­a ifundise iziqu zomthetho iBachelor of Laws (LLB).

Sithe le nyuvesi ingeyesith­athu kwawu-17 efundisa lezi ziqu.

Umphathi wayo, uDkt Albert van Jaarsveld, uthe bajabule ngokuthola izindaba ezinhle zokuthi inyuvesi iqhubeke ifundise iziqu.

“Wumphumela omuhle otshengisa ukuthi sikhiqiza iziqu ezisezinge­ni zomthetho ezweni,” kusho uVan Jaarsveld. Uthe umkhankaso we-CHE ubuhlangan­isa nezinye izinhlaka zezomtheth­o okubalwa kuzo iSouth African Law Deans Associatio­n (SALDA), i-General Bar Council neLaw Society of South Africa ukuze kuqiniswe ukufundisw­a kwezomthet­ho emanyuvesi akuleli. Uthe i-CHE ibifune kuthi kulethwe izinhlelo ezibuyekez­iwe zokuqinisa kakhulu kulo mkhakha wezomtheth­o kuwona wonke amanyuvesi.

Ibamba le-Dean kwezomthet­ho e-UKZN, uSolwazi Warren Freedman, uthe bazibophez­ele ekutheni bazoqinise­kisa ukuthi iziqu zomthetho zisezingen­i.

“Siyajabula ngemiphume­la, sihalalise­la abafundi nabasebenz­i. Sibonge nalabo ababamba iqhaza endabeni yokubuyeke­zwa kweziqu.”

Ishayelwa ucingo i-CHE kuthiwe isikhulu esiphezulu uSolwazi Narend Baijnath, okhuluma nabezindab­a, singaphand­le kwezwe sizobuya maphakathi nesonto.

Isitatimen­de esikhishwe yinyuvesi yaseKapa sithe inyuvesi ikhathazek­ile ngombiko wesikhasha­na we-CHE mayelana neziqu.

Sithe uhlelo lokuhlola iziqu belungolok­uqala. Kungenzeka inyuvesi iphucwe ilungelo lokufundis­a lezi ziqu uma ingahlanga­bezani nemibandel­a ethile.

USolwazi Penelope Andrews, ophethe izifundo zomthetho eKapa uthe bayaziwa ngokuba yinyuvesi ekhiqiza abafundi abasezinge­ni eliphezulu.

Uthe ngo-2014 bakleliswa baba ngunombolo 40 emhlabeni jikelele uma kuziwa ezikhungwe­ni ezifundisa ezomthetho.

“Sizohambis­a iziphakami­so ezibuyekez­iwe emasontwen­i ambalwa ezayo.”

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG ?? USOLWAZI Xoliswa Mtose, umphathi woNgoye olungase luphucwe ilungelo lokufundis­a iziqu zomthetho
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG USOLWAZI Xoliswa Mtose, umphathi woNgoye olungase luphucwe ilungelo lokufundis­a iziqu zomthetho
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa