Akayikhumbuli ingozi eyadlula nabangu-20
USEVEZE ukuthi akakhumbuli lutho ngengozi umshayeli wemoto eyagingqika yadlula nemiphefumulo yamakholwa angu-20 KwaXimba.
Ephefumula okokuqala ngale ngozi, umshayeli wemoto, uMnuz Lindelani Ngubane (28) uthe akukho akukhumbulayo ngayo.
“Angikhumbuli lutho ngokwenzeka engozini. Nalokho kungenza ngingabi sesimeni esihle emoyeni. Konke engikwaziyo ngayo ngikuzwa uma kukhulunywa abantu abasuke bekhuluma. Akulula kimina ukukhuluma ngendaba yengozi. Kwamanje njengoba ngikhuluma nawe nje akulula kimina,” kusho uNgubane.
UNgubane wayeshayela imoto eyayithwele amakholwa asebandleni lamaZayoni akwaNkonyane, eNyonini, ngeSonto ekuseni, ngoAgasti 20.
Imoto okwavela ukuthi yayilayishe ngokweqile ithwele abantu abangu-26, ngokomthetho ilayisha abangu-16.
Abazalwane ababekuyona kuthiwa babelibangise enkonzweni yesikhumbuzo somunye umzalwane wasebandleni.
Yize ebengakhululekile ekhuluma naleli phephandaba kodwa ugcine eseyivezile imizwa yakhe.
Uthe njengoba esenamasonto ephumile esibhedlela usevame ukuhlala ekhaya endlini avakashele abangani bakhe abangomakhelwane kuphela.
“Noma ngixhuga uma ngihamba kodwa ngiyaye ngiye kubafana abangomakhelwane ngiyozihlalela nabo. Ngisuke ngenzela ukuthi ngingazivaleli ekhaya ngize ngicabange ukwenza into enzima. Uma ngihleli ngedwa miningi imicabango engifikelayo. Ngike ngizibuze nje ukuthi kwenziwa yini ukuthi ngisinde kube kwafa abantu abangaka. Nakho lokho kuyangihlupha. Uma ngihleli nabantu engisuke ngihleli nabo asikhulumi ngale nto ngoba ukukhuluma ngayo kuyangihlukumeza,” kusho uNgubane.
Uthe usafisa ukuthola usizo lokululekwa ngokwengqondo ngenxa yalesi sehlo.
Ukhale ngokuthi akanawo amazwi angawakhuluma emindenini ngoba indaba yengozi isamhlukumeza kakhulu.
Echaza ngemoto ayehamba ngayo uthe kwakuyimoto eyayihlala kuyena njengoba yena nomnikazi wayo babezama ukuyifaka emgwaqweni.
Uthe babesayifunela umzila. Ngesikhathi besematasa bezama ukuyifaka emgwaqweni ubevame ukuhambisa ngayo abantu abasuke bedinga imoto.
Akathandanga ukwanda kakhulu ngesimo sayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe akekho umuntu osaboshiwe mayelana nengozi. Uthe uphenyo ngayo lusaqhubeka.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha nezokuPhepha, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe baluqaphile udaba lophenyo ngengozi. Uthe amaphoyisa ayababikela ngokuqhubeka kophenyo. Uqhube wathi banethemba lokuthi kukhona abazogcina bejezile mayelana nalesi sehlakalo.