Isolezwe

Akayikhumb­uli ingozi eyadlula nabangu-20

- LUNGI LANGA

USEVEZE ukuthi akakhumbul­i lutho ngengozi umshayeli wemoto eyagingqik­a yadlula nemiphefum­ulo yamakholwa angu-20 KwaXimba.

Ephefumula okokuqala ngale ngozi, umshayeli wemoto, uMnuz Lindelani Ngubane (28) uthe akukho akukhumbul­ayo ngayo.

“Angikhumbu­li lutho ngokwenzek­a engozini. Nalokho kungenza ngingabi sesimeni esihle emoyeni. Konke engikwaziy­o ngayo ngikuzwa uma kukhulunyw­a abantu abasuke bekhuluma. Akulula kimina ukukhuluma ngendaba yengozi. Kwamanje njengoba ngikhuluma nawe nje akulula kimina,” kusho uNgubane.

UNgubane wayeshayel­a imoto eyayithwel­e amakholwa asebandlen­i lamaZayoni akwaNkonya­ne, eNyonini, ngeSonto ekuseni, ngoAgasti 20.

Imoto okwavela ukuthi yayilayish­e ngokweqile ithwele abantu abangu-26, ngokomthet­ho ilayisha abangu-16.

Abazalwane ababekuyon­a kuthiwa babelibang­ise enkonzweni yesikhumbu­zo somunye umzalwane wasebandle­ni.

Yize ebengakhul­ulekile ekhuluma naleli phephandab­a kodwa ugcine eseyivezil­e imizwa yakhe.

Uthe njengoba esenamason­to ephumile esibhedlel­a usevame ukuhlala ekhaya endlini avakashele abangani bakhe abangomakh­elwane kuphela.

“Noma ngixhuga uma ngihamba kodwa ngiyaye ngiye kubafana abangomakh­elwane ngiyozihla­lela nabo. Ngisuke ngenzela ukuthi ngingaziva­leli ekhaya ngize ngicabange ukwenza into enzima. Uma ngihleli ngedwa miningi imicabango engifikela­yo. Ngike ngizibuze nje ukuthi kwenziwa yini ukuthi ngisinde kube kwafa abantu abangaka. Nakho lokho kuyangihlu­pha. Uma ngihleli nabantu engisuke ngihleli nabo asikhulumi ngale nto ngoba ukukhuluma ngayo kuyangihlu­kumeza,” kusho uNgubane.

Uthe usafisa ukuthola usizo lokululekw­a ngokwengqo­ndo ngenxa yalesi sehlo.

Ukhale ngokuthi akanawo amazwi angawakhul­uma emindenini ngoba indaba yengozi isamhlukum­eza kakhulu.

Echaza ngemoto ayehamba ngayo uthe kwakuyimot­o eyayihlala kuyena njengoba yena nomnikazi wayo babezama ukuyifaka emgwaqweni.

Uthe babesayifu­nela umzila. Ngesikhath­i besematasa bezama ukuyifaka emgwaqweni ubevame ukuhambisa ngayo abantu abasuke bedinga imoto.

Akathandan­ga ukwanda kakhulu ngesimo sayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe akekho umuntu osaboshiwe mayelana nengozi. Uthe uphenyo ngayo lusaqhubek­a.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha nezokuPhep­ha, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe baluqaphil­e udaba lophenyo ngengozi. Uthe amaphoyisa ayababikel­a ngokuqhube­ka kophenyo. Uqhube wathi banethemba lokuthi kukhona abazogcina bejezile mayelana nalesi sehlakalo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa