Isolezwe

Babanjiwe ‘ababulale’ iphoyisa

- BONISWA MOHALE

BABOSHWE sebecashe Esikhaleni abasolwa ababili okukholaka­la ukuthi babulale iphoyisa Eshowe ngoLwesith­athu. ULt-Col Thulani Zwane uthe abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili, esincane nesikhulu i-R5, basolwa ngokubulal­a uConstable Jabulani Mavundla obesebenza esiteshini samaphoyis­a esiseMbong­olwane, eduze kwaseShowe. Abasolwa abaneminya­ka ephakathi kuka-21 no-22 bazovela maduze enkantolo yeMantshi yaseShowe lapho bebhekene necala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokuduna. UZwane uthe uMavundla nozakwabo babebuya kosiza abantu ababedunwa eMaqhogo ngesikhath­i behlaselwa yizigebeng­u ezavulela inhlamvu.

“UConstable Mavundla wadubuleka wase ehluleka wukulawula imoto yayoshayis­a izihlahla. Washonela endaweni yesigameko kanti uzakwabo uyelashwa esibhedlel­a. Izigebengu zathatha isibhamu sikaConsta­ble Mavundla ngaphambi kokubaleka,” kusho uZwane.

UKhomishan­a wamaphoyis­a KwaZuluNat­al osabambile uMajor Genetal Bheki Langa uwashayele ihlombe amaphoyisa abophe abasolwa baseSikhal­eni wathi kuthumela umyalezo wokuthi aphelile amahlathi okucasha ezigebengw­ini ngoba bazoqhubek­a nokuzithun­gatha ukuze zijeze ngamacala azo.

Khona manjalo uboshwe esecashe esibhedlel­a owesilisa osolwa ngokudubul­ana namaphoyis­a eNanda ngoLwesihl­anu.

Le ndoda kuthiwa ibiyingxen­ye yamadoda ayisikhomb­isa azame ukubamba inkunzi eNanda abhadanywa amaphoyisa kwase kudutshulw­ana.

Amaphoyisa amabili ayalashwa esibhedlel­a kanti umsolwa uboshwe esecashe esibhedlel­a Osindiswen­i.

Abanye abasolwa abayisikho­mbisa basagcwele amathafa. Belaxaze imoto abebehamba ngayo ngosuku lwesigamek­o ePhoenix.

Umsolwa osesibhedl­ela uqashwe ngamaphoyi­sa. Uzobingele­la imantshi enkantolo yaseNtuzum­a ngecala lokuzama ukubulala uma eseluleme.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa