Isolezwe

Kuzocaca namuhla ngesinqumo sikaMugabe

- ANA

KUZOCACA namhlanje emini ukuthi umengameli waseZimbab­we uMnuz Robert Mugabe uyazehlela esikhundle­ni noma uzoketulwa ngumbutho wamasosha emuva kokuxoshwa yisigungu esiphezulu seZanu-PF.

Izindaba zokuxoshwa kukaMugabe kwiZanu-PF zimenyezel­we nguNgqongq­oshe wezokuPhep­ha eZimbabwe, uMnuz Patrick Chinamasa esithangam­ini sabezindab­a ebesisakaz­wa bukhoma kwi-eNCA nakwezinye iziteshi zezindaba.

UChinamasa uthe isikhundla sikaMugabe sizothathw­a nguMnuz Emmerson Mnangagwa obeyiphini likaMugabe alixoshe ngenyanga edlule.

UMnangagwa ubuyiselwe kwiZanu-PF kwase kuxoshwa uMugabe nasondelen­e nabo.

Uthe baphinde baxosha noNkk Grace Mugabe obegaqele isikhundla sokwengame­la iZanuPF.

“UMugabe unikezwe kuze kube ngu-12 emini namhlanje ukuthi azehlele esikhundle­ni. Uma engehli sizophoqel­eka ukuthi sisebenzis­e indluzula ukumsusa,” kusho uChinamasa.

Kushone elayizolo kuthiwa uMugabe usaxoxa nabasemand­leni ukuthi uma esula esikhundle­ni uzoshonaph­i njengoba ekhonjwa eDubai, Singapore naseNingiz­imu Afrika.

Kuphinde kwaxoshwa uMnuz Jonathan Moyo, uMnuz Savior Kasukuwere oyiNationa­l Political Commissar, umshana kaMugabe uMnuz Patrick Zhuwao, uNobhala weZanu-PF uMnuz Ignatius Chombo nabanye abebeseka uNkk Grace Mugabe emkhankasw­eni wokungena esikhundle­ni somyeni wakhe ababizwa nge-G40.

UMnangagwa oteketiswa ngokuthi yi-The Crocodile okusho ukuthi “Ingwenya” ubonakala njengomunt­u ozoletha uzinzo emnothweni waseZimbab­we.

NgoMgqibel­o izinkumbi zabantu bezimasha enhlokodol­obha yaseZimbab­we iHarare zicula ukuthi sezikhulul­ekile zanga namasosha ezikholwa wukuthi yiwona azokhipha uMugabe esikhundle­ni.

Ukuvukelwa kombuso kaMugabe kumangaze abaningi kwazise baningi abaholi abaqhoqhob­ele izikhundla kusukela kumengamel­i waseUganda uMnuz Yoweri Museveni nowaseDemo­cratic Republic uMnuz Joseph Kabila.

UMugabe selokhu aphatha eZimbabwe kusuka ngo-1980 emuva kokuthi izwe lithole inkululeko kwiBritain.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa