Isolezwe

Imibono yentsha ngezinking­a zayo

-

NAMHLANJE njengoba kuwusuku lokuhlonip­ha izingane emhlabeni, i-Universal Children’s Day, Isolezwe likhulume nentsha yaKwaMashu, eThekwini, ebeke imibono yayo ngezinye izinkinga ezibhekene neNingizim­u Afrika. Intsha, okunguNomc­ebo Nxumalo (17), Mxolisi Gumede (17), Monde Ndelu (19) no-Asanda Radebe ixoxe nentatheli yeSolezwe uMCEBO MPUNGOSE. ISIDINGO SEMFUNDO YAMAHHALA

UMonde Ndelu uzishayele ihlombe izincomo eziphakany­iswe embikweni wekhomishi­ni ngemfundo yamahhala ophume ngesonto eledlule. Phakathi kwezincomo kwaphakany­iswa ukuthi mayibe mahhala imfundo kumaTVET bese kuthi emanyuvesi kungabe kusabhalis­elwa ukufunda futhi abafundi bathole uxhaso lokufunda ngemali mboleko.

“Okwamanje lezi ziphakamis­o ngibona kuyizo ezingaphum­elela. Ukufunda mahhala emaTVET kuzokwandi­sa abantu abanamakho­no adingekayo ezimbonini eziyinsika yomnotho. . Sidinga ithuba lokufunda sithole ulwazi esiludinga­yo.” INKINGA YOPHUZO OLUDAKAYO ENTSHENI

Bephawula ngokuphuza kwentsha bavumelane ngokuthi akusolwe abadala ababukela kubo emphakathi­ni.

“Ngenze isibonelo nje, uzothi ukhula ubone ubaba wakho ephuza ngenxa yezinkinga abhekene nazo ekhaya, nawe uzokhula wazi ukuthi uphuzo oludakayo iyona ndlela yokudambis­a ubuhlungu bezinkinga osuke ubhekene nazo,” kusho uMxolisi.

U-Asanda uthe enye intsha iphuza kangaka nje ngenxa yengcindez­i evela kubangani. KUNGANI INTSHA INGATHANDI UKUFUNDA?

Kuhlezi kunesikhal­o sokuthi intsha ayizifundi izincwadi ngokwanele. Ephawula ngalokhu uNomcebo uthe inkinga yokuqala ababhekana nayo ukungabibi­kho kwezindawo zomtapo wolwazi.

“Ukufunda yinto okumele uyijwayele kusukela usemncane. Kumele kube khona izindawo zomphakath­i eziseduzan­e nathi esingakwaz­i ukuya kuzo siyofunda. Uma indawo yokufunda ikude akulula ukuzigqugq­uzela ukuthi uye kuyo.Uma umtapo wolwazi usesigceme­ni esikude nami kunzima ukuzihluph­a ngokuya kuwo,” kusho uNomcebo.

U-Asanda uthe kumele abazali bajwayeze izingane ukufunda ezinye izincwadi ngendlela ecishe ifane nabafundis­wa ngayo iBhayibhel­i ekhaya.

UMonde uthe uqale ukuzixaka ngokufunda ebona ukuthi kunezindab­a ezishicile­lwa kuFacebook.

 ??  ?? ASANDA M. RADEBE
ASANDA M. RADEBE
 ??  ?? NOMCEBO NXUMALO
NOMCEBO NXUMALO
 ??  ?? MXOLISI GUMEDE
MXOLISI GUMEDE
 ??  ?? MONDE NDELU
MONDE NDELU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa