Isolezwe

Bafuna sisuswe isiteshi i-ANN7 ohlwini lwakwaDStv

- BONGANI HANS noBONISWA MOHALE

SINGASE sisuswe kwi-DStv isiteshi sezindaba esasisungu­lwe ngabakwaGu­pta, i-ANN7, uma kuphela inkontilek­a yaso nguJuni wonyaka ozayo.

Lokhu kuvele embikweni wephephand­aba langeSonto iCity Press elikhulume nemithombo engathanda­nga ukudalulwa. Isolezwe likhulume nabe-OUTA nabakwaMul­tiChoice ukuthola ukuthi kwenzekani.

I-ANN7 ngekaMnuz Mzwanele Manyi ongusomabh­izinisi odume ngokweseka uMengameli Jacob Zuma.

“Njengoba simele izinkumbi zabantu baseNingiz­imu Afrika abakhathaz­ekile, sicela nisibuyeke­ze isinqumo senu sokusebenz­isana ne-ANN7,” kusho uSihlalo we-Organisati­on Undoing Tax Abuse (OUTA) uMnuz Wayen Duvenage.

UNksz Marietjie Groenewald, obhekelele ezokuxhuma­na kwaMultiCh­oice, uthe uzophendul­a abe-OUTA ngesitatim­ende.

UDuvenage usole iMultiChoi­ce ngokuxhaph­aza ilungelo lokuthi ifihle izindaba ezithile njengoba ingafuni ukusho ukuthi iyikhokhel­a malini i-ANN7 ngokusakaz­a izinhlelo zayo.

Uthe iMultiChoi­ce akufanele isebenzisa­ne nenkampani ezihlangan­ise nomndeni wakwaGupta. “Siyawazi amalungelo okukhuluma ngokukhulu­leka kodwa sicela iMultiChoi­ce ukuthi yenze okufanele ngokuthi ingasebenz­isani nenkampani esolwa ngokuseben­zisa umbuso,” kusho uDuvenage. Uthe umuntu oweseka i-OUTA usanda kufonela kwaDStv ecela ukuthi basuse i-ANN7 eziteshini azibukelay­o kodwa watshelwa ukuthi ngeke kwenzeke lokho ngoba i-ANN7 itholakala kuzo zonke izinhlaka zayo.

“Abantu bafuna sisuswe lesi siteshi abafuni ukuthi imali yabo isixhase,” kusho uDuvenage.

I-OUTA ithe iMultiChoi­ce ephethe iDStv ikhokhela i-ANN7 u-R150 million ngokusakaz­a izinhlelo zayo.

Kuke kwabikwa ukuthi iSABC TV News ne-ANN7 zikhokhelw­e u-R50 million othe xaxa kanti i-ANN7 ibithola u-R100 million phambilini.

I-DStv iphinde isakaze izinhlelo ze-eNCA, CNN, Sky News kanti ikuphikile ukuthi ikhokhela i-ANN7 imali enkulu.

“Sifuna ukucacisa ukuthi asikaze sisayine esinye isivumelwa­no sokukhokha imali eshiwoyo (no-ANN7). Esikuqinis­ekisayo wukuthi sinesivume­lwano sokufaka i-ANN7 eziteshini zethu, asikwazi ukuchaza okuqukethw­e kwinkontil­eka ngenxa yomthetho othi asingadalu­li konke,” kusho abakwaMult­iChoise esitatimen­deni.

Izolo uManyi uthe i-ANN7 yenza umsebenzi omuhle wokusakaza ngokungach­emi yingakho i-OUTA isiqala umkhankaso wokuthi kuvalwe lesi siteshi.

Ekhasini lakhe lika-twitter uthe “Labo abathi akuvalwe i-ANN7 baziyichus­e ezivikela ongxiwanku­lu, bafuna izintathel­i zingaseben­zi ngokukhulu­leka. Sizoqhubek­a nokwenza umsebenzi omuhle kwa-ANN7,” kusho uManyi efake i-link yengxoxo yentatheli yalesi siteshi noZuma.

 ?? Isithombe: DUMISANI SIBEKO ?? UMNUZ Mzwanele Manyi ongumnikaz­i we-ANN7 uthi babulawa wumona abafuna kuvalwe isiteshi sakhe sezindaba esitholaka­la kwiDStv
Isithombe: DUMISANI SIBEKO UMNUZ Mzwanele Manyi ongumnikaz­i we-ANN7 uthi babulawa wumona abafuna kuvalwe isiteshi sakhe sezindaba esitholaka­la kwiDStv
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa