Inkinga kuphela amafomu kowezasekhaya
AMAHHOVISI oMnyango wezaseKhaya eThekwini abhekene nengwadla yokushoda kwamaphepha okugcwalisa imininingwane, osekudale ukuthi amanye amalungu omphakathi angasizakali.
Kuthiwa sekunesikhathi eside kushoda amafomu okugcwalisa imininingwane yokushintsha isibongo, ikakhulukazi emahhovisi aseMngeni, eThekwini. UMnuz Kwazi Mkhize waKwaMashu, ungomunye wabangasizakalanga. UMkhize othe ubesuka eMthwalume, ufike emahhovisi omnyango ngoMsombuluko, ezoshintshela amadodana akhe izibongo komazisi.
“Isikhathi esiningi ngihlala KwaMashu lapho kunezingane zami khona kodwa nginomuzi engibuye ngihlale kuwo eMthwalume. Ngisuke eMthwalume ngaya emahhovisi, ngaphindiswa emuva. Ngitshelwe ukuthi amaphepha okugcwalisa imininingwane awekho futhi akwaziwa ukuthi azofika nini. Bathe kungenzeka afike ngoJanuwari,” kusho uMkhize.
Uthe abelandelana nabo kulayini batshelwe okufanayo. UMkhize othe uke wasebenza emahhovisi kahulumeni, uthe kuyihlazo ukuthi kungashoda amaphepha, kuphazamiseke impilo yabantu. Uthe kumele izingane zakhe zishintshe ngokushesha isibongo sakoninalume, yingakho ephoxeka uma engazi ukuthi izolungiseka nini inkinga yamaphepha.
Isolezwe liye emahhovisi aseMngeni ngoLwesihlanu sekudlule ihora leshumi ekuseni. Egunjini okushintshwa kulo izibongo bekunesaziso odongeni, esibhalwe ukuthi awekho amafomu. Isolezwe alikwazanga ukushutha lesi sazizo njengoba kubhalwe ukuthi akuvumelekile.
“Uma uneminyaka engaphezu kwengu-14 uzoshintsha isibongo, siyaxolisa ukunazisa ukuthi amaphepha amafomu asaphelile. Sizonazisa uma esefikile,” kubhalwe esazisweni.
Abasebenzi abakuleli gumbi bakuqinisekisile okubhalwe odongeni, bathi batshelwe ukuthi amaphepha angase afike ngoJanuwari. Bebuzwa ukuthi kunenkinga efanayo yini kwamanye amahhovisi eThekwini, bathe abanalo ulwazi. Isolezwe liphinde lathola ukuthi kunenkinga efanayo emahhovisi asePinetown. Intatheli yaleli phephandaba eye emahhovisi asePinetown ngoLwesibili, ifike ulayini umude abantu bekhala ngamafomu.
Kuthintwa oyiMenenja yoMnyango KwaZulu-Natal, uMnuz Cyril Mncwabe, uvumile ukuthi amaphepha ayashoda kodwa waphika ukuthi aphelile. Ebuzwa ngesaziso wethukile, wathi besingekho isidingo saso futhi bazophenywa abasebenzi abasichome odongeni.
“Udaba lokushoda kwamaphepha luyaziwa ePitoli, sasifaka isicelo sawo. Besingekho isidingo sokuthi abantu baphindiswe emuva ngoba akhona asele. Amanye acelwe ehhovisi eliseRichards Bay ukuze abantu basizakale,” kusho uMncwabe.
Uthe bayaxolisa kwabaphindiswe emuva, wacela ukuthi babuyele emahhovisi namuhla ukuze basizakale.