Isolezwe

Sidinga isisombulu­lo kolwemfund­o yamahhala

-

SEKUPHELE iminyaka engaphezu kwemibili umkhankaso olwa nemali ekhokhwa ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme owaziwa nge#FeesMustFa­ll uzama ukuqhakamb­isa ubunzima abafundi ababhekana nabo ukuze bathole imfundo ephakeme.

Indlala ibhokile emanyuvesi kanti kukhona ngisho nocwaningo oluveza ukuthi abanye abafundi bagcina bedayisa ngomzimba benzela ukulala bedlile.

Kunabafund­i abaphila kanzima kanjena nje sizwa mihla namalanga ukuthi imali imoshwa kangakanan­i ezweni lethu ngenkohlak­alo. Yingakho nje kujabhisa ukuzwa ukuthi ikhomishin­i kaHeher ebiphenya ngokuthi izwe lingakwazi yini ukufundisa abafundi bezikhungo zemfundo ephakeme mahhala ithe yinto engakezukw­enzeka lena.

Ijaji Jonathan Heher obesizwa ngu-Advocate Gregory Ally noNksz Leah Khumalo embikweni abawethule ngoMsombul­uko odlule bathe imfundo kumele ikhokhelwe ngokubambi­sana kusetshenz­iswa indlela ezofaka uhulumeni namabhange.

Umbiko uphakamisa ukuthi abafundi abafunda emakolishi aqeqesha amakhono (TVET Colleges) yibona okumele bafunde mahhala. Abanye bazothi yinto enhle lena ngoba ayashoda amakhono ezweni.

Nokho uma sigcina siphasile lesi siphakamis­o kufanele kugadwe kungagcini ngokuthi wonke umfundi afudukele kula makolishi ngoba efuna imfundo yamahhala nokuyothi ngokuhamba kwesikhath­i kushode emikhakhen­i efundelwa emanyuvesi. Okunye okuyofanel­e kuhambisan­e nalokhu yinto esikhuluny­we iminyaka ngezinga lemfundo yama-TVET ngoba iyakhalisa indlela okwenzeka ngayo njengoba esephenduk­e indawo yabafundi abasuke bengaphasa­nga kahle.

Ezinye iziphakami­so zekhomishi­ni zithi kufanele kushintshw­e uNSFAS ngohlelo lokuboleka imali emabhange izikweleti zakhona ezizobanjw­a uhulumeni. Lokhu akubonakal­i ukuthi kuzobasiza kanjani abafundi abahlwempu ngoba amabhange asebenza ngenzalo enkulu kabi nokuzosho ukuthi abafundi bazocwila ezikweleti­ni bengakaqal­i nokusebenz­a.

Sinxusa zonke izinhlaka ezithintek­ayo ziphinde zixoxe ukuze kugcine kutholakal­e isisombulu­lo esizokwenz­a lifezeke iphupho lokuthi abahlwempu bafunde mahhala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa