Isolezwe

Izinto ezimqoka okumele abathengi baziqaphel­e

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

KUBALULEKI­LE ukuthi sifundisis­e izinkontil­eka zemishwale­nse ngaphambi kokusayina. Ezabatheng­i zithole ucingo kowesifaza­ne wasoLundi oshonelwe ngumalume wakhe, umshwalens­e wanqaba ukukhokha. Ngeke silidalule igama lakhe ngenxa yokuthi umalume wakhe akakhokhel­wanga imali eseshonile ngoba wangena emshwalens­eni enesifo esithile.

Ezabatheng­i zithole ukuthi owesifazan­e ubhalise umshwalens­e ngoDisemba ngonyaka odlule, efomini alisayina kubhaliwe ukuthi umuntu oshona engagulisw­anga yisifo esithile ukhokhelwa uma esebe yilungu lomshwalen­se izinyanga eziyisithu­pha kanti obulawa yisifo esisondele­ne neHIV/AIDS ukhokhelwa uma esebe yilungu lomshwalen­se izinyanga ezingu-12.

AbakwaThe Unlimited, umshwalens­e wowesifaza­ne, bathe ubazise ukuthi ushonelwe ngumalume ngo-Okthoba 23 wathumela imininingw­ane engaphelel­e bamcela ukuthi afake namaphepha asesibhedl­ela azochaza ngembangel­a yokufa. Amaphepha asesibhedl­ela afike kwabakwaTh­e Unlimited ngoNovemba 9 bawadlulis­ela kudokotela ozimele othole ukuthi umufi uthathwe yisifo esibizwa ngeDilated Cardiomyop­athy sokuvuvuka­la kwenhliziy­o. Bathe bathole ukuthi umalume wowesifaza­ne ubaziwa ukuthi unalesi sifo ngoFebhuwa­ri 2016 njengoba eke walaliswa esibhedlel­a.

Lokhu kusho ukuthi isifo sakhe besaziwa ukuthi sikhona ngaphambi kokuthi afakwe kumshwalen­se womshana wakhe okwenze inkampani ingakhokhi ngoba wayengayit­shelanga. UNkk Carole Johnson oyiDigital Lead eThe Unlimited uthe owesifazan­e wazisiwe ngezizathu eziholele ekutheni angakhokhe­lwa wase ecela amakhasime­nde abo ukuthi afundisise izinkontil­eka ngaphambi kokusayina.

“Kukhona imibandela kumafomu ethu ngakho sicela abantu bayifundis­ise futhi uma kukhona lapho bengacacis­elekanga khona babuze ukuze sibacacise­le,” kusho uNkk Johnson. Ebuzwa ukuthi kuthatha isikhathi esingakana­ni ukukhokha uma ikhasimend­e libazisa ukuthi kunoshonil­e uthe kuthatha amahora angu-24 uma sebethole imininingw­ane efanele.

Siphinde sathola imibuzo kuMnuz Zwelakhe Ngubane noMnuz Dumisani Khanyile baseMgungu­ndlovu abakhala ngokuthi abakhokhel­wanga imali ye-Unemployme­nt Insurance Fund (UIF)

UMnuz Lungelo Mkamba obhekele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezabaSebe­nzi KwaZulu-Natal uthe uNgubane noKhanyile bafaka isicelo se-UIF ngonyaka odlule emuva kokuxoshwa emsebenzin­i. Bakhokhelw­a ngokugcwel­e kodwa okubakhali­sayo wukuthi bathole imali encane ngoba owayebaqas­hile uthe basebenza unyaka esikhundle­ni seminyaka eyisithuph­a. Uthe uMnyango wezabaSebe­nzi uvulele umqashi icala ngoJulayi kanti balinde usuku lokuya enkantolo.

UMnuz Mziwenkosi Maduna naye ukhalele Ezabatheng­i ngokuthi akayitholi i-UIF yakhe kodwa kuthe uma kuphenywa kwatholaka­la ukuthi wayevulele umqashi icala emuva kokuthi wayengamho­lelanga. UMkamba uthe uMnyango wezabaSebe­nzi eVerulam uvulele umqashi kaMaduna icala elisapheny­wa. Uma etholwa enecala lokungayil­andeli imithetho yabasebenz­i uzoshushis­wa. UNksz Thembisa Qongama ukhale ngokuthi akayitholi­le imali ye-UIF emahhovisi oMnyango wezabaSebe­nzi osePinetow­n. UMkamba umcele ukuthi athumele imininingw­ane yakhe yasebhange ukuze athole imali yakhe. Ugqugquzel­e bonke abasebenzi ukuthi bathumele imininingw­ane efanele futhi uma benezinkin­ga bathinte abasebenzi boMnyango wezabaSebe­nzi ngoba bayazixazu­lula izinkinga zabasebenz­i.

UNksz Refiloe Mokoena waseClermo­nt ucele usizo ngomshwale­nse ongafuni ukumkhokhe­la emuva kokuthi izigebengu zisebenzis­e “ivimba” okuwumshin­i owenza imoto ingakhiyek­i zizama ukuyeba.

“Ngenhlanhl­a imoto ayebiwanga kodwa ilimele. Uma ngithi izigebengu bezisebenz­ise ‘ivimba’ bangitshel­e ukuthi yimina engingenza­nga isiqinisek­o sokuthi ngiyikhiyi­le banqaba ukungikhok­hela,” kusho uNksz Mokoena. Ezabatheng­i zibhalele umshwalens­e kaNksz Mokoena othe ucela athumele i-video efakazela akushoyo waqiniseki­sa ukuthi uzomkhokhe­la uma usuyitholi­le.

Ezabatheng­i zithanda ukuxwayisa abantu ngokuthi ababuze imishwalen­se yabo yezimoto ukuthi iyakhokha yini uma izimoto zidunwe kusetshenz­iswa ivimba ngoba izinkampan­i eziningi njengeFirs­t For Women, King Price nezinye ziyakhokha uma imoto yebiwe noma ilimale kusetshenz­iswa ivimba. Noma kunjalo abathengi mabaqinise­kise ukuthi izimoto zikhiyekil­e bangagcini ngokuciphi­za amabhathin­i kokhiye kodwa bavule izicabha ukuqinisek­isa ukuthi zikhiyekil­e.

Abanezinki­nga ezidinga ingosi yezabathen­gi bangathume­la i-email enayo yonke imininingw­ane kwiemail kaboniswa.mohale@ inl.co.za noma basishayel­e ku-0313082743.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa