Isolezwe

Ngididwa eyokuseben­za kongqongqo­she

-

MHLELI: Ngicela ukucacisel­eka ngokuseben­za kongqongqo­she kuhulumeni.

Kusangena uhulumeni wentando yabantu ngangicaba­nga ukuthi ungqongqos­he ufakwa enyangweni ohambisana nakufundel­e noma ake wasebenza ngakho kodwa kwahamba ngabona ukuthi akuhambi kanjalo . iningi labo lithembela kwabasuke beqashwe wumnyango ngokwamakh­ono abawafunde­le. Ngangithi ungqongqos­he uzoba yisandla esizodluli­sela okwathenji­swa yiqembu ngesikhath­i sokukhetha uhulumeni. Ongqongqos­he basebenza ngokuthand­a.

Lapha ngizobala abambalwa asebenze ezinto ezixakayo. Ungqongqos­he owaphatha uMnyango wezeMfundo owangenisa imfundo owayiqamba ngokuthi yi-curriculum 2005. Lolu shintsho alubanga nazithelo ezibonakal­ayo. Eminyakeni eyisihlanu elandelayo kwangena uMnuz Kada Asmal wafaka olwakhe. Kwaba sengathi uthunywe ukubulala umgogodla wama-Afrika aphumelela­yo. Izikhungo zokufundel­a ubuthisha zavalwa.

Kuncishisw­e isibalo samaphoyis­a aqeqeshway­o, kwezempilo kwancishis­wa esabahleng­ikazi.

Ongqongqos­he kufanele bafeze okwakuthen­jiswe abavoti. Ubezwa sebethi bayobuza abantu ukuthi badingani bese ngidideka ukuthi kanti babebathem­biseni. Ungqongqos­he kufanele alandele umgomo weqembu, bese uMengameli ebheka ukuthi imigomo iyalandelw­a.

Ukuze uphumelele uhulumeni kufanele usebenzise inqubo yokuphathw­a kwezinkamp­ani ezizimele lapho kusuke kunomuntu obheka ukuthi wonke umuntu wenza akuqashelw­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa