Ngadumala ngihlanjalazwa ngamaphoyisa kaMasipala weTheku
MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala nje esincane ngidlulise umuzwa wami ngokuhlanjalazwa ngamaphoyisa esifazane kaMasipala weTheku asebenzela KwaMnyandu, eMlaza.
NgoJulayi 25, nonyaka ngangimi kulayini wokukhokha eShoprite KwaMnyandu ngilandelwa yiphoyisa lesifazane. Kwathi uma ulayini usuqhubeka lathi kimi “qhubeka baba”. Ngaphendula ngathi “Nkosazana ngicela uhoxise ukuthi ngiwubaba, angisiye ubaba” kwabe ngiwokhele umlilo ephoyiseni. Lavele lamemeza kwaduma isitolo lathi: “nansi imihlola yami, uwubaba wena, ugugile, uyikhehla, uyile nhlobo engafuni ukuguga. Uhambe uzala bese ungafuni ukubizwa ngobaba” lasho nokunye okuningi.
Kwavele kwabukwa thina esitolo kwase kuqhamuka elinye lesifazane. Esikhundleni sokuba likhuze uzakwabo lavele langichapha ngenhlamba. Isikhalo ngasifaka kubaphathi bawo KwaMnyandu. Ngidumele ngelanga lomhlangano sekuvela ukuthi la maphoyisa asebhale isitatimende esingelona iqiniso. Asethi yimina engawasukela ngangiwahlukumeza ngokocansi, ngiwashela, ngicela izinombolo zawo zocingo. Unsumpa uGumede owayehola umhlangano wavele wawavuna wathi yimina enginenkinga.
Angikusho Mhleli ukuthi abanye abaphathi bamaphoyisa bawagxeka amaphoyisa ngokungihlambalaza kwawo. Kodwa uGumede kuphela owawavuna esola mina.
Ngokwami akukuhle ukungalihloniphi ilungelo lomunye umuntu. Uma umuntu engathandi ukubizwa ngamagama athize makalalelwe. Ombiza ngawo kumele axolise uma ekhononda. Kuyinto embi futhi ukuqamba amanga kwamaphoyisa ngoba enzela ukuzivikela kubaphathi bawo.
Amaphoyisa nabantu jikelele abazijwayeze ukukhuluma iqiniso ngisho noma ngabe lokho kuzobaphoqa ukuthi baxolise kokhonondayo. Inkinga yokusebenzisa igama likababa budedengu wayichaza uzakwethu uKhenani Makhoba kwiSolezwe langoLwesibili kuDisemba 8 nyakenye engosini yakhe Inkundla Yokucobelelana Ngobugugu.