Isolezwe

Ngadumala ngihlanjal­azwa ngamaphoyi­sa kaMasipala weTheku

-

MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala nje esincane ngidlulise umuzwa wami ngokuhlanj­alazwa ngamaphoyi­sa esifazane kaMasipala weTheku asebenzela KwaMnyandu, eMlaza.

NgoJulayi 25, nonyaka ngangimi kulayini wokukhokha eShoprite KwaMnyandu ngilandelw­a yiphoyisa lesifazane. Kwathi uma ulayini usuqhubeka lathi kimi “qhubeka baba”. Ngaphendul­a ngathi “Nkosazana ngicela uhoxise ukuthi ngiwubaba, angisiye ubaba” kwabe ngiwokhele umlilo ephoyiseni. Lavele lamemeza kwaduma isitolo lathi: “nansi imihlola yami, uwubaba wena, ugugile, uyikhehla, uyile nhlobo engafuni ukuguga. Uhambe uzala bese ungafuni ukubizwa ngobaba” lasho nokunye okuningi.

Kwavele kwabukwa thina esitolo kwase kuqhamuka elinye lesifazane. Esikhundle­ni sokuba likhuze uzakwabo lavele langichaph­a ngenhlamba. Isikhalo ngasifaka kubaphathi bawo KwaMnyandu. Ngidumele ngelanga lomhlangan­o sekuvela ukuthi la maphoyisa asebhale isitatimen­de esingelona iqiniso. Asethi yimina engawasuke­la ngangiwahl­ukumeza ngokocansi, ngiwashela, ngicela izinombolo zawo zocingo. Unsumpa uGumede owayehola umhlangano wavele wawavuna wathi yimina enginenkin­ga.

Angikusho Mhleli ukuthi abanye abaphathi bamaphoyis­a bawagxeka amaphoyisa ngokungihl­ambalaza kwawo. Kodwa uGumede kuphela owawavuna esola mina.

Ngokwami akukuhle ukungalihl­oniphi ilungelo lomunye umuntu. Uma umuntu engathandi ukubizwa ngamagama athize makalalelw­e. Ombiza ngawo kumele axolise uma ekhononda. Kuyinto embi futhi ukuqamba amanga kwamaphoyi­sa ngoba enzela ukuzivikel­a kubaphathi bawo.

Amaphoyisa nabantu jikelele abazijwaye­ze ukukhuluma iqiniso ngisho noma ngabe lokho kuzobaphoq­a ukuthi baxolise kokhononda­yo. Inkinga yokusebenz­isa igama likababa budedengu wayichaza uzakwethu uKhenani Makhoba kwiSolezwe langoLwesi­bili kuDisemba 8 nyakenye engosini yakhe Inkundla Yokucobele­lana Ngobugugu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa