Isolezwe

Isexwayiso sikaMbeki kuhlangene omakadebon­a

- LOYISO SIDIMBA

OWAYENGUME­NGAMELI waseNingiz­imu Afrika, uMnuz Thabo Mbeki, uthe i-ANC idinga ukuhlengwa ekusetshen­zisweni yidlanzana elithile.

“I-ANC isetshenzi­swa wuhlaka oluthile okusho ukuthi ayiseyona le ANC esiyaziyo,” kusho uMbeki.

Uthe i-ANC ibolile waxwayisa nangokuthi uma ingabalale­li omakadebon­a be-ANC izoduka kakhulu.

Ngempelaso­nto omakadebon­a be-ANC bebehlange­ne bedingida izinkinga zenhlangan­o futhi beza nezisombul­ulo ekulahleke­ni kwamavoti.

“Senzenjani ukususa i-ANC kwidlanzan­a elithile? Yini okumele siyenze ukulandela iziphakami­so zomakadebo­na?” kubuza uMbeki.

Uthe sekuyisikh­athi sokuthi kwakhiwe i-ANC ngoba abaningi balahlekel­we yithemba.

Ingqungqut­hela yomakadebo­na be-ANC ebiseGoli ayihanjelw­anga yisigungu esiphezulu sale nhlangano njengoba sithe izinkinga ze-ANC kufanele zixoxwe ngaphakath­i hhayi esidlangal­aleni.

Phakathi kwezihambe­li bekukhona uMnuz Kgalema Motlanthe owayeyiphi­ni likaMengam­eli Jacob Zuma, owayengung­qongqoshe wezimali uMnuz Trevor Manuel, ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC uMnuz Darek Hanekom nogaqele isikhundla sokwengame­la i-ANC uNksz Lindiwe Sisulu.

UMbeki ubugxekile ubuholi be-ANC ngokuziqhe­lelanisa nomakadebo­na engqungqut­heleni yabo yokubonisa­na.

“Ubuholi obuphezulu be-ANC buzenzele phansi ngokuqhele­lana nomakadebo­na. Kuyacaca ukuthi ayikwazi ukuzilungi­sa i-ANC. Bekuyisinq­umo esibi sokungaham­beli umhlangano kodwa ngiyathemb­a ukuthi kukhona abaholi abakwaziyo ukucabanga esigungwin­i esiphezulu se-ANC,” kusho uMbeki.

Omakadebon­a baqhubekil­e bacela uMengameli Jacob Zuma ukuba ehle esikhundle­ni bathi ngeke bavume ukuthi i-ANC ife besaphila. Bathe bakhathaze­kile ngokuzitsh­wa kwemigomo ye-ANC okwenza kuxhashazw­e imali ezinkampan­ini zikahulume­ni nasePhalam­ende.

Bathe abaholi abaphethe abakwazi ukulwa nenkohlaka­lo.

Owayengung­qongqoshe wezokuxhum­ana, uMnuz Sphiwe Nyanda, ubuze ukuthi kungani ubuholi be-ANC buziba omakadebon­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa