Isasasa kumukelwa uRamaphosa
LAMUKELWE ngesasa iPhini likamengameli weANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, KwaNongoma eralini yokugcina ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ngoDisemba.
URamaphosa, othe uyaqala ukufika endaweni, uthembise ukuthi uzobuya ngemuva kukaDisemba ezolungisa indaba yokushoda kwamathuba omsebenzi entsheni.
Ufike ephelezelwa ngowayenguNdunankulu, uMnuz Senzo Mchunu, noMnuz Mike Mabuyakhulu, owayengu Ngqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho owaxoshwa kwikhabhinethi ngonyaka odlule.
Uqale ngokuhambela Isilo samaBandla wasipha izinkomo wacela nezibusiso ngaphambi kwengqungquthela.
Usuke lapho waya kwaGqikazi lapho bekukhona izinkumbi zabalandeli kubhazabhaza wetende ebelibekwe ezikundleni zemidalo.
Usuke lapha wadlulela eJozini lapho bekukhona enye irali okuthiwa ibinabantu abangaphezulu kuka-10 000.
URamaphosa uthe uNgangezwe ukhale kakhulu ngesimo se-ANC kulezi zinsuku wathi idinga ukulungiswa.
“Kumele ngoDisemba silungise i-ANC. Isilo singitshelile kuthi i-ANC izalwa kule ndawo ngoba Isilo uDinizulu waze wahlonishwa ngokuba ngumengameli we-ANC,” kusho uRamaphosa.
UMchunu uthe uyazizwa izinkulumo zabathi akulona isiko ukuthi iphini likamengameli libe ngumengameli.
Uthe kusuka ngo-1967 bekulokhu kwenzeka into eyodwa, iphini likamengameli lithatha izintambo uma sekwehla umengameli.
“Abantu baze bakhulume kuze kuqhanse imithambo bethi akukho lapho kubhalwe khona ukuthi iphini likamengameli liba ngumengameli. UTambo wayeyiphini likaLuthuli wathi uma esehla wangena uTambo wathatha izintambo. Eseshiya kungene uMandela, noMandela wathi uma eseshiya kwangena uMbeki owayeyiphini lakhe. UMbeki wafuna ihlandla lesithathu samchitha safaka uZuma owayeyiphini lakhe. NangoDisemba siyoqhubeka lapho siyofaka uRamaphosa okumanje uyiphini likamengameli,” kusho uMchunu.
Utshele izinkumbi zabalandeli ukuthi bebengazitsheli ukuthi bazofika ngobuningi.
Okhulumela abeseka uRamaphosa esifundazweni, uMnuz Sthembiso Mshengu, uthe esifundeni iFar North nabaQulusi ilapho uRamaphosa ehamba phambili ngokwamavoti.