Bafuna sisuswe isiteshi i-ANN7 ohlwini lwakwaDStv
SINGASE sisuswe kwi-DStv isiteshi sezindaba esasisungulwe ngabakwaGupta, i-ANN7, uma kuphela inkontileka yaso nguJuni wonyaka ozayo.
Lokhu kuvele embikweni wephephandaba langeSonto iCity Press elikhulume nemithombo engathandanga ukudalulwa. Isolezwe likhulume nabe-OUTA nabakwaMultiChoice ukuthola ukuthi kwenzekani.
I-ANN7 ngekaMnuz Mzwanele Manyi ongusomabhizinisi odume ngokweseka uMengameli Jacob Zuma.
“Njengoba simele izinkumbi zabantu baseNingizimu Afrika abakhathazekile, sicela nisibuyekeze isinqumo senu sokusebenzisana ne-ANN7,” kusho uSihlalo we-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA) uMnuz Wayen Duvenage.
UNksz Marietjie Groenewald, obhekelele ezokuxhumana kwaMultiChoice, uthe uzophendula abe-OUTA ngesitatimende.
UDuvenage usole iMultiChoice ngokuxhaphaza ilungelo lokuthi ifihle izindaba ezithile njengoba ingafuni ukusho ukuthi iyikhokhela malini i-ANN7 ngokusakaza izinhlelo zayo.
Uthe iMultiChoice akufanele isebenzisane nenkampani ezihlanganise nomndeni wakwaGupta. “Siyawazi amalungelo okukhuluma ngokukhululeka kodwa sicela iMultiChoice ukuthi yenze okufanele ngokuthi ingasebenzisani nenkampani esolwa ngokusebenzisa umbuso,” kusho uDuvenage. Uthe umuntu oweseka i-OUTA usanda kufonela kwaDStv ecela ukuthi basuse i-ANN7 eziteshini azibukelayo kodwa watshelwa ukuthi ngeke kwenzeke lokho ngoba i-ANN7 itholakala kuzo zonke izinhlaka zayo.
“Abantu bafuna sisuswe lesi siteshi abafuni ukuthi imali yabo isixhase,” kusho uDuvenage.
I-OUTA ithe iMultiChoice ephethe iDStv ikhokhela i-ANN7 u-R150 million ngokusakaza izinhlelo zayo.
Kuke kwabikwa ukuthi iSABC TV News ne-ANN7 zikhokhelwe u-R50 million othe xaxa kanti i-ANN7 ibithola u-R100 million phambilini.
I-DStv iphinde isakaze izinhlelo ze-eNCA, CNN, Sky News kanti ikuphikile ukuthi ikhokhela i-ANN7 imali enkulu.
“Sifuna ukucacisa ukuthi asikaze sisayine esinye isivumelwano sokukhokha imali eshiwoyo (no-ANN7). Esikuqinisekisayo wukuthi sinesivumelwano sokufaka i-ANN7 eziteshini zethu, asikwazi ukuchaza okuqukethwe kwinkontileka ngenxa yomthetho othi asingadaluli konke,” kusho abakwaMultiChoise esitatimendeni.
Izolo uManyi uthe i-ANN7 yenza umsebenzi omuhle wokusakaza ngokungachemi yingakho i-OUTA isiqala umkhankaso wokuthi kuvalwe lesi siteshi.
Ekhasini lakhe lika-twitter uthe “Labo abathi akuvalwe i-ANN7 baziyichuse ezivikela ongxiwankulu, bafuna izintatheli zingasebenzi ngokukhululeka. Sizoqhubeka nokwenza umsebenzi omuhle kwa-ANN7,” kusho uManyi efake i-link yengxoxo yentatheli yalesi siteshi noZuma.