Isolezwe

Ukhala ngokubanji­swa udonga yisibhedle­la

- PHILI MJOLI

OWESIFAZAN­E waseRichar­ds Bay owalinyazw­a wukufakwa kabi i-drip esibhedlel­a eRichards Bay, ukhala ngokuthi lesi sibhedlela sambambisa udonga.

UNksz Bongiwe Gumede uthe wangena kulesi sibhedlela eyobeletha ngo-2014 waphuma eselimele isandla ngenxa yokufakwa kabi i-drip.

“Ngesikhath­i ngibika ukuthi isandla sivuvukele bayikhipha i-drip bayifaka kwesinye. Nami ngangicaba­nga ukuthi yinto encane. Inkinga yenzeka sengisekha­ya, ukuvuvukal­a kungehli ngaze ngabuyela khona esibhedlel­a, isandla sesivuvuke­la kakhulu,” kusho uNksz Gumede.

Uthe udokotela wathi i-drip ingene kwi-tissue okungeyona kuzomele amunce amanzi. Sekwenziwe lokho uthi indawo eyayivuvuk­ele yabukeka sengathi beyishile okwaphoqa ukuthi kukhikhili­zwe inyama engaphezul­u.

“Basika inyama ethangeni baphesha esandleni. Ngakhala ngokuthi bayabona yini ukuthi iphutha labo seliholele ekutheni ngibe nezibazi ezimbili ezingeke zisasuka nokuthi sengibuyel­e esibhedlel­a ngashiya ingane yami ebengisand­a kuyibeleth­a ngephutha labo bathi bayaxolisa. Bathi ukukhombis­a ukuthi bayalibona iphutha labo bazonginxe­phezela,” kusho uNksz Gumede.

Uthe bambhalela incwadi eqinisekis­a ukuthi uzonxeshez­elwa ngoR10 000 okumanje leyo mali akakaze ayithole. Uthi usegqigqe esibhedlel­a iminyaka emibili eyobuza ngayo kulokhu kuthenjisw­a ukuthi izofakwa kwi-akhawunti yakhe.

“Sengiyasol­a ukuthi le ncwadi babenginik­ela ukuthi ngilokhu ngihleli nginethemb­a lokuthi bazonginik­a. Le mali ngangiyibo­na ukuthi incane kodwa ngavuma ngoba ngizwa indlela ababexolis­a ngayo ngephutha labo. Uma sebeshona ezintangen­i sengiyabon­a ukuthi babedlala ngami befuna ngiphume esibhedlel­a,” kusho yena.

UNksz Sindi Mthethwa okhulumela lesi sibhedlela uthe ubengenalo ulwazi ngalesi sigameko kodwa usazopheny­a ngaphambi kokuthi aphendule ngokugcwel­e.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISANDLA sikaNksz Bongiwe Gumede sasibukeka kanje ngaphambi kokuthi sipheshwe kulandela ukulinyazw­a yi-drip okusolwa ukuthi yayingafak­iwe kahle
Isithombe: SITHUNYELW­E ISANDLA sikaNksz Bongiwe Gumede sasibukeka kanje ngaphambi kokuthi sipheshwe kulandela ukulinyazw­a yi-drip okusolwa ukuthi yayingafak­iwe kahle
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa