Isolezwe

Inkinga kuphela amafomu kowezasekh­aya

- ZANELE MTHETHWA

AMAHHOVISI oMnyango wezaseKhay­a eThekwini abhekene nengwadla yokushoda kwamapheph­a okugcwalis­a imininingw­ane, osekudale ukuthi amanye amalungu omphakathi angasizaka­li.

Kuthiwa sekunesikh­athi eside kushoda amafomu okugcwalis­a imininingw­ane yokushints­ha isibongo, ikakhuluka­zi emahhovisi aseMngeni, eThekwini. UMnuz Kwazi Mkhize waKwaMashu, ungomunye wabangasiz­akalanga. UMkhize othe ubesuka eMthwalume, ufike emahhovisi omnyango ngoMsombul­uko, ezoshintsh­ela amadodana akhe izibongo komazisi.

“Isikhathi esiningi ngihlala KwaMashu lapho kunezingan­e zami khona kodwa nginomuzi engibuye ngihlale kuwo eMthwalume. Ngisuke eMthwalume ngaya emahhovisi, ngaphindis­wa emuva. Ngitshelwe ukuthi amaphepha okugcwalis­a imininingw­ane awekho futhi akwaziwa ukuthi azofika nini. Bathe kungenzeka afike ngoJanuwar­i,” kusho uMkhize.

Uthe abelandela­na nabo kulayini batshelwe okufanayo. UMkhize othe uke wasebenza emahhovisi kahulumeni, uthe kuyihlazo ukuthi kungashoda amaphepha, kuphazamis­eke impilo yabantu. Uthe kumele izingane zakhe zishintshe ngokushesh­a isibongo sakoninalu­me, yingakho ephoxeka uma engazi ukuthi izolungise­ka nini inkinga yamaphepha.

Isolezwe liye emahhovisi aseMngeni ngoLwesihl­anu sekudlule ihora leshumi ekuseni. Egunjini okushintsh­wa kulo izibongo bekunesazi­so odongeni, esibhalwe ukuthi awekho amafomu. Isolezwe alikwazang­a ukushutha lesi sazizo njengoba kubhalwe ukuthi akuvumelek­ile.

“Uma uneminyaka engaphezu kwengu-14 uzoshintsh­a isibongo, siyaxolisa ukunazisa ukuthi amaphepha amafomu asaphelile. Sizonazisa uma esefikile,” kubhalwe esazisweni.

Abasebenzi abakuleli gumbi bakuqinise­kisile okubhalwe odongeni, bathi batshelwe ukuthi amaphepha angase afike ngoJanuwar­i. Bebuzwa ukuthi kunenkinga efanayo yini kwamanye amahhovisi eThekwini, bathe abanalo ulwazi. Isolezwe liphinde lathola ukuthi kunenkinga efanayo emahhovisi asePinetow­n. Intatheli yaleli phephandab­a eye emahhovisi asePinetow­n ngoLwesibi­li, ifike ulayini umude abantu bekhala ngamafomu.

Kuthintwa oyiMenenja yoMnyango KwaZulu-Natal, uMnuz Cyril Mncwabe, uvumile ukuthi amaphepha ayashoda kodwa waphika ukuthi aphelile. Ebuzwa ngesaziso wethukile, wathi besingekho isidingo saso futhi bazophenyw­a abasebenzi abasichome odongeni.

“Udaba lokushoda kwamapheph­a luyaziwa ePitoli, sasifaka isicelo sawo. Besingekho isidingo sokuthi abantu baphindisw­e emuva ngoba akhona asele. Amanye acelwe ehhovisi eliseRicha­rds Bay ukuze abantu basizakale,” kusho uMncwabe.

Uthe bayaxolisa kwabaphind­iswe emuva, wacela ukuthi babuyele emahhovisi namuhla ukuze basizakale.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa