Isolezwe

Indlala yamanzi emtholampi­lo

- ZANELE MTHETHWA

UTHWELE kanzima umphakathi waseMaQadi­ni, eMzinyathi, eNanda, okuthiwa usujwayele ukuhlala ungenamanz­i. Lesi simo sesithikam­eza nokusebenz­a komtholamp­ilo obizwa ngeQadi okuyiwo wodwa osiza umphakathi waseMzinya­thi nengxenye yaseNdwedw­e. Umfundi waleli phephandab­a obhale incwadi eya kumhleli wacela ukungadalu­lwa ukhale ngengwadla yokushoda kwamanzi emtholampi­lo.

Uthe sekuphele isikhathi esingangon­yaka amanzi engabonwa emtholampi­lo. Uveze ukuthi isimo samathoyil­ethi asisesihle ngenxa yale nkinga kulo mtholampil­o.

Isolezwe livakashel­e umtholampi­lo ngoLwesihl­anu lafica ngasesangw­eni kukleliswe izigubhu ezinamanzi. Bekubekelw­e isigubhu esingenama­nzi kwelinye ithangi kuphuma amaconsi.

Abanye abasebenzi namalungu omphakathi akhulume naleli phephandab­a bathe sekujwayel­ekile ukuphela kwamanzi kule ndawo kodwa isimo siba simbi emtholampi­lo ngoba adingeka kakhulu. Bathe nezimoto eziletha amanzi ziyagqoza okwenza kube nzima.

Ebuzwa ngale nkinga uSister Zanele Ngidi, ongumphath­i eQadi, uthe ngeke aphawule ngalolu daba, wakhomba intatheli kubaphathi bakhe.

UMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al uthe akuthintwe uMasipala weTheku ngalolu daba.

UNksz Tozi Mthethwa okhulumela umasipala uvumile ukuthi zikhona izindawo ezinenking­a yamanzi eMzinyathi.

Uthe uphiko lwezamanzi kumasipala luyawaleth­a amathangi ezindaweni ezinenking­a.

“Uphiko lwethu lwezamanzi lusebenzis­ana nekhansela ukuchazela umphakathi ngale nkinga kube khona nemihlanga­no eminingi. Mayelana nomtholamp­ilo, kunesiphak­amiso esenziwe ngokuhlang­anyela nekhansela sokuthi kubekwe ithangi eduze kwasemthol­ampilo elizofakwa amanzi. Sisemaphet­helweni alolu hlelo,” kusho uNksz Mthethwa.

Uthe kunohlelo olubizwa ngeWestern Aquaduct, oluzoqinis­ekisa ukuthi amanzi ayatholaka­la eMzinyathi wathi luzosiza ngokuphake­la amanzi eNtshangwe, Ntuzuma, Pinetown naseTsheli­mnyama ukuqinisek­isa ukuthi iTheku alinayo inkinga yamanzi eminyakeni engu-30 ezayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa