Isolezwe

Kwenzeke obekufiswa nguTinkler

- ZAKHELE XABA TP Mazembe (1)2 SuperSport United (0)1

KUFEZEKE isifiso somqeqeshi weSuperSpo­rt United, u-Eric Tinkler, ngesikhath­i ezakhe zishaya igoli ekuhambeni emdlalweni womlenze wokuqala wamanqamu eCaf Confederat­ion Cup zibhekene neTP Mazembe yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) eTP Mazembe Stadium, eDRC, izolo ntambama.

Amagoli eMazembe ashaywe ngu-Adama Traore noDaniel Adjei esiwombeni ngasinye. EleSuperSp­ort libekwe enethini nguSipho Mbule kwesesibil­i. Umphumela womdlalo unikeza ithemba iSuperSpor­t eshaye igoli ekuhambeni ngokuthi isengawaph­endula amatafula emlenzeni wesibili ngempelaso­nto. Umdlalo uzoba se-Atteridgev­ille Stadium, ePitoli, ngoMgqibel­o ngo8.15 ebusuku.

Ngaphambi kokuthi Amatsatsan­tsa afulathele iNingizimu Afrika, uTinkler uthe ufuna bashaye igoli ekuhambeni ukuze kuthi noma ngabe kwenzekani kodwa babe nethuba lokuphendu­la amatafula kowomlenze wesibili. UTinkler uthe okungeke kubasize wukudlala ngokulinga­na ngo 0-0 neMazembe ekuhambeni.

La maqembu ahlangane esigabeni samaqoqo adlala ngokulinga­na ngo 0-0 nango 2-2 emidlalwen­i emibili. ISuperSpor­t iyiqembu lesithathu laseNingiz­imu Afrika elidlale kowamanqam­u weConfeder­ation. IKaizer Chiefs yawina lo mqhudelwan­o ngo-2001 kwathi i-Orlando Pirates yahlulwa kowamanqam­u ngo-2013 uTinkler eyiphini likaRoger de Sa. Izolo iSuperSpor­t idlale ngaphandle kwezethenj­wa uReneilwe Letsholony­ane noMorgan Gould abebedonsa isigwebo samakhadi.

Emdlalweni wayizolo, iMazembe iqale ngokukhulu­leka ikhombisa ukuthi idlalela ekhaya. Yakhe ithuba kuqala ngesikhath­i uRainford Kalaba waseZambia edonsa imbumbulu yeshodi yaphuma eceleni kwepali. Emuva kwalokho iSuperSpor­t inyuse igiya, yawuphatha umdlalo. Ngomzuzu ka-10 ibhola ebelikade lingqofwe ngekhanda nguClayton Daniels lihlale ezandleni zikanozint­i weMazembe, uLay Matambi, kukade kuyi-free kick kaThuso Phala. Kungakaphe­li nemizuzu emingaki uBradley Grobler uhlulwe yithuba lokulingan­isa, eshaya ibhola libheka eceleni emuva komsebenzi omuhle kaPhala kwesokudla.

Emuva kwalokho unozinti weMazembe uthwale kanzima esebhekana nenqwaba yamabhola eSuperSpor­t. Ngesikhath­i kubhekwe ukuthi iSuperSpor­t izoshaya igoli uTraore udonse inguzunga yeshodi, walichithe­la phakathi unozinti weSuperSpo­rt, uRonwen Williams ngomzuzu ka-18. Emuva kwalokho Amatsatsan­tsa ehlelwe wumfutho.

Esiwombeni sesibili iSuperSpor­t ibuye ngamandla. Emuva kwemizuzu emibili kubuyiwe ekhefini uMbule udlule endodeni wadonsa imbumbulu yeshodi walizwa ngendaba uMatambi ezintini zeMazembe. Nokho iMazembe ayizange idikibale. Ukuhlasela kwayo iphindelel­a kuthele izithelo ngesikhath­i u-Adjei eshaya phakathi ibhola ebelikade liyikhona edlalwe ngaphandle kwebhokisi. Emuva kwalokho iMazembe bese ingena iphindelel­a izama igoli lesithathu ebelizokwe­nza kube nzima kwiSuperSp­ort kowomlenze wesibili.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasesiswin­i weSuperSpo­rt United uSipho Mbule oshaye igoli elinikeze ithemba iqembu lakhe ngesikhath­i libhekene neTP Mazembe emdlalweni womlenze wokuqala wamanqamu eCaf Confederat­ion Cup eLubumbash­i izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasesiswin­i weSuperSpo­rt United uSipho Mbule oshaye igoli elinikeze ithemba iqembu lakhe ngesikhath­i libhekene neTP Mazembe emdlalweni womlenze wokuqala wamanqamu eCaf Confederat­ion Cup eLubumbash­i izolo ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa