Isolezwe

UCoetzee uncome abadlali ngokuzimis­ela benqoba

- INTATHELI YESOLEZWE

UMQEQESHI weqembu lesizwe le-rugby, u-Allister Coetzee, ubashayele ihlombe abadlali bakhe ngokuzimis­ela abakukhomb­ise ngesikhath­i beshaya iFrance emdlalweni weCastle European Tour ngempelaso­nto.

AmaBhobhok­o abeze kulo mdlalo isimo simuncu ngemuva kokuthelwa ngehlazo lika 38-3 yi-Ireland emdlalweni wokuqala.

Emdlalweni we-Ireland iqembu likaCoetze­e lakhombisa obukhulu ubuthaka njengoba kungekho nokukodwa okuqondile elalikwenz­a kulo mdlalo.

NgoMgqibel­o amaBhokobh­oko anqobe ngo 18-17 ngoMgqibel­o.

“Lokhu kukhombisa ukuthi kukhona okuhle okungeziwa yileli qembu. Siqale kahle (unyaka) sinqoba imidlalo emihlanu sadlala ngokulinga­na ne-Australia ngaphambi kokushaywa kanzima iNew Zealand ngo 57-0. Kodwa sivukile futhi sesidlala ne-Australia okukhombis­e ukuqina kweqembu,” kusho uCoetzee.

Okunye okuchaze uCoetzee, abaningi abangasamb­oni njengofane­lwe yilo msebenzi, wukubona iqembu lakhe linqoba umdlalo obushubile obunganqot­shwa yinoma yiliphi iqembu.

“Sadlala ngokulinga­na ne-Australia, sahlulwa ngephuzu elilodwa yiNew Zealand okuyimidla­lo ebishubile kodwa sanganqoba. E-France besinengci­ndezi kodwa sawunqoba umdlalo.”

Ama-try elakuleli ashaywe uDillyn Leyds noJesse Kriel. UHandre Pollard ube nosuku olubi ehluleka wukukhahle­la amabhola amane kwayisikho­mbisa.

UCoetzee uvikele uPollard ngokuthi bese siside isikhathi agcine ukudlala.

NgoMgqibel­i iNingizimu Afrika izothuthan­a ne-Italy eStadio Euguaneo ngo-3 ntambama. Azobe esevala unyaka neWales ngoDisemba 2 eCardiff. , eWales.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa