Usola izikhulu kubheda iqembu
INGWAZI yeKaizer Chiefs, uPollen “Trompies” Ndlanya, isola izikhulu zaMakhosi ngokubhacaza kweqembu.
IChiefs izoqeda unyaka wesibili ingawini lutho. Iqembu elaziwa ngamakhosi ezicoco eNingizimu Afrika likhishwe yiBidvest Wits kwi-semi final yeTelkom Knockout.
Igoli elilethe usizi kubalandeli beChiefs livalelwe enethini nguJames Keene emdlalweni obuseBidvest Stadium ngoMgqibelo ntambama.
IChiefs igcine ukunqoba izicoco ngo-2014/15 kusekhona uStuart Baxter osecija iBafana Bafana.
Yadla ese-Absa Premiership neMTN 8. Selokhu kufike uSteve “Mphathi” Komphela ayikaze iwine lutho. UNdlanya, owayegalibheki ipali ngezikhathi zakhe kwiChiefs, ukhale ngokuba ngongonqo kwezikhulu zeqembu.
“IChiefs ayinabo abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Uma iqhubeka nala badlali enabo ngeke iwine lutho. Amanye amaqembu – Mamelodi Sundowns Bidvest Wits – angene emakethe athenga abadlali futhi indlela abadlala ngayo uyayibona ukuthi ihlukile. Anezikwati eziqinile. IChiefs kumele ishaye amaphekethe ingene imakethe ithenge abadlali abasezingeni leChiefs. Abadlali abanabo ngabadlali nje abadlala ngezinhliziyo. Njengamanje ithembele kakhulu kubadlali abaqhamuka enkulisa. Ayikho inkinga ngalokho kodwa kumele bahlanganiswe nabaseqophelweni eliphezulu.”
Kule sizini isiphuthwe yisicoco seMTN 8 njengoba ingasekho nakwiTelkom Knockout. Isisele ne-Absa Premiership neNedbank Cup ezicocweni esazozilwela.
“Ngeke ngimgxeke uKomphela ngoba akathengelwa abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Iqembu lakhe liyawakha amathuba kodwa aliwasebenzisi. Ngicabanga ukuthi kungabe angibenzi ubulungiswa uma ngingakhala ngoKomphela. Naye uyapatanisa ngalokhu anakho. IChiefs ayiqinise iqembu layo uma izimisele ngokubuyisa udumo lwayo lokunqoba izicoco,” kusho uNdlanya.
Inkontileka kaKomphela neChiefs iyaphela ngoJuni. Ephawula ngemuva komdlalo uthe: “Ngesiwombe sokuqala asizange sidlale kahle. Ikhadi elibomvu liyiphazamisile indlela esidlala ngayo. Isiwombe sesibili sibe ngcono. Sakhe amathuba amaningi futhi sibe nesikhathi esiningi engxenyeni yabo. Isifundo esisifundile wukuthi amaphutha esiwenzayo ayasibulala futhi asikwazi ukuwavumela. Yize besingasaphelele kodwa igoli besingalithola.
IChiefs isizobuyela emidlalweni yeligi. NgoLwesithathu izovakashela AmaZulu FC eKing Zwelithini Stadium eMlazi. NgoMgqibelo izohlangana neFree State Stars eMoses Mabhida Stadium. Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa:Cape Town City v Baroka FC (Cape Town Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Mamelodi Sundowns (Bidvest Stadium, 7.30pm); Orlando Pirates v Golden Arrows (Orlando Stadium, 7.30pm)
NgoLwesithathu: Free State Stars v Chippa United (Goble Park, 6pm); Platinum Stars v Bloemfontein Celtic (Royal Bafokeng Stadium, 7.30pm); AmaZulu v Kaizer Chiefs (King Zwelithini Stadium, 7.30pm); Polokwane City v Maritzburg United (Old Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)