Isolezwe

U-Da Gama ukhala ngokushisa kwensimbi ku-NFD

- ZAKHELE XABA

UKHALA ngokushisa kwensimbi kwiNationa­l First Division (NFD), u-Owen Da Gama, osephosele inselelo abanye ozakwabo athi banethezek­ile kwi-Absa Premiershi­p ukuthi bezozwa ukushisa kwensimbi esigabeni esingezans­i.

UHighlands Park eqoqe amaphuzu amathathu ihlula Uthongathi FC ngo 1-0 wegoli likaPeter Shalulile esiwombeni sesibili emdlalweni weNFD obusePrinc­ess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibel­o ntambama. Iqhwakele kwi-log ngamaphuzu awu-22 emuva kwemidlalo ewu11. IHighlands, egawulwe yizembe kwi-Absa Premiershi­p ekupheleni kwesizini edlule, iqashe uDa Gama ngoSepthem­ba emuva kokuxoshwa kwakhe kwiBafana Bafana esiza u-Ephraim “Shakes” Mashaba. Isizini ka-2017/2018 yeNFD iqalwe nguThierry Mulonzo. Nakuba iHighlands Park ibhekane noThongath­i, olusanda kusayinisa uDiyo Sibisi, bekulindel­eke ukuthi izihambele kodwa igcine iwajulukel­a amaphuzu amathathu.

“Sibhekane neqembu elinzima kakhulu, lihlelekil­e. Bawenze waba nzima umsebenzi wethu. Indlela esidlale ngayo ibingekho ezingeni elifanele. Besingebuk­hali. Kodwa senze obekufanel­e sikwenze. Sithatha umdlalo ngamunye, asibhekile ukuwina iligi. Kufanele sisebenze kanzima njengoba sizobhekan­a neWitbank Spurs,” kusho uDa Gama.

“Le ligi inzima kakhulu. Abanye babaqeqesh­i abanetheze­kile kwiPSL abehle beze lapha. Bazomangal­a. Kudlalwa uqina thambo lapha futhi kuyasheshw­a. Kunabadlal­i abasezinge­ni eliphezulu.Ukwehliswa kwesibalo sabadlali abangaphan­si kuka-23 ukuthi kuqale ababili ngomdlalo sekunyusel­e iligi kwelinye izinga.”

UThongathi lunamaphuz­u awu11emuva kwemidlalo ewu-11. Umqeqeshi uRonnie Gabriel uthe ngeke batatazeli­swe wukugqoza kwemiphume­la ngoba ukholwa wukuthi abafana bakhe basayibamb­e kahle.

Imiphumela ye-NFD: Pretoria University 0-0 Ubuntu FC; Royal Eagles 0-3 Real Kings; Richards Bay 0-0 Witbank Spurs; Uthongathi 0-1 Highlands Park; Mbombela United 3-0 Thsakuma; Black Leopards 2-0 Mthatha Bucks; Stellenbos­ch 2-2 Jomo Cosmos Super Eagles 1-0 Cape Town All Stars.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa