Kwenzeke obekufiswa nguTinkler
KUFEZEKE isifiso somqeqeshi weSuperSport United, u-Eric Tinkler, ngesikhathi ezakhe zishaya igoli ekuhambeni emdlalweni womlenze wokuqala wamanqamu eCaf Confederation Cup zibhekene neTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) eTP Mazembe Stadium, eDRC, izolo ntambama.
Amagoli eMazembe ashaywe ngu-Adama Traore noDaniel Adjei esiwombeni ngasinye. EleSuperSport libekwe enethini nguSipho Mbule kwesesibili. Umphumela womdlalo unikeza ithemba iSuperSport eshaye igoli ekuhambeni ngokuthi isengawaphendula amatafula emlenzeni wesibili ngempelasonto. Umdlalo uzoba se-Atteridgeville Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo8.15 ebusuku.
Ngaphambi kokuthi Amatsatsantsa afulathele iNingizimu Afrika, uTinkler uthe ufuna bashaye igoli ekuhambeni ukuze kuthi noma ngabe kwenzekani kodwa babe nethuba lokuphendula amatafula kowomlenze wesibili. UTinkler uthe okungeke kubasize wukudlala ngokulingana ngo 0-0 neMazembe ekuhambeni.
La maqembu ahlangane esigabeni samaqoqo adlala ngokulingana ngo 0-0 nango 2-2 emidlalweni emibili. ISuperSport iyiqembu lesithathu laseNingizimu Afrika elidlale kowamanqamu weConfederation. IKaizer Chiefs yawina lo mqhudelwano ngo-2001 kwathi i-Orlando Pirates yahlulwa kowamanqamu ngo-2013 uTinkler eyiphini likaRoger de Sa. Izolo iSuperSport idlale ngaphandle kwezethenjwa uReneilwe Letsholonyane noMorgan Gould abebedonsa isigwebo samakhadi.
Emdlalweni wayizolo, iMazembe iqale ngokukhululeka ikhombisa ukuthi idlalela ekhaya. Yakhe ithuba kuqala ngesikhathi uRainford Kalaba waseZambia edonsa imbumbulu yeshodi yaphuma eceleni kwepali. Emuva kwalokho iSuperSport inyuse igiya, yawuphatha umdlalo. Ngomzuzu ka-10 ibhola ebelikade lingqofwe ngekhanda nguClayton Daniels lihlale ezandleni zikanozinti weMazembe, uLay Matambi, kukade kuyi-free kick kaThuso Phala. Kungakapheli nemizuzu emingaki uBradley Grobler uhlulwe yithuba lokulinganisa, eshaya ibhola libheka eceleni emuva komsebenzi omuhle kaPhala kwesokudla.
Emuva kwalokho unozinti weMazembe uthwale kanzima esebhekana nenqwaba yamabhola eSuperSport. Ngesikhathi kubhekwe ukuthi iSuperSport izoshaya igoli uTraore udonse inguzunga yeshodi, walichithela phakathi unozinti weSuperSport, uRonwen Williams ngomzuzu ka-18. Emuva kwalokho Amatsatsantsa ehlelwe wumfutho.
Esiwombeni sesibili iSuperSport ibuye ngamandla. Emuva kwemizuzu emibili kubuyiwe ekhefini uMbule udlule endodeni wadonsa imbumbulu yeshodi walizwa ngendaba uMatambi ezintini zeMazembe. Nokho iMazembe ayizange idikibale. Ukuhlasela kwayo iphindelela kuthele izithelo ngesikhathi u-Adjei eshaya phakathi ibhola ebelikade liyikhona edlalwe ngaphandle kwebhokisi. Emuva kwalokho iMazembe bese ingena iphindelela izama igoli lesithathu ebelizokwenza kube nzima kwiSuperSport kowomlenze wesibili.