Isolezwe

Uthembisa ukugeqa amagula uKabelo

- NOKUBONGWA PHENYANE

UZOKWETHUL­A IQEMBU LAKHE U-DKT KHOZA

Siyanda EL Niño Mashila: Ujoyina uhlu lwamaqembu ashabalala­layo njenge AGANG, COPE, UDM, NFP. Bekumele ahlale kwi-ANC, alinde ubuholi obusha bese eyasebenza naye abe sebuholini kunokuthi avule iqembu elisha elingeke libe sezingeni.

Philani Make-Peace Goba: Ngicela nimnike inombolo kaMamphela Ramphele, amchazele kahle.

Phumlani Muthwenyon­go Langa: Kazi kulokhu kwanda amaqembu angobukhow­e nje koze kube nini ngoba ngabe kuyahlanga­nwa kwenziwe isxaxa mbiji samaqembu anamandla. UYAXOLISA OWAMA-IDOLS OPHUNYUKWE YIQATHA

Siyanda EL Niño Mashila: Naba oShekhinah­M Amanda Black, Kyle Deutsch bahluleka kodwa abazange babheke emuva kunalokho yibona abavelele ngaphezu kwabawina ama-Idols, ngakho naye lo mjita kumele aqine idolo abheke isitebela sokuqopha umculo esikahle adlondloba­le. Ukukhala akusizi, vuka uzithathe ndoda.

Joseph Dladla: Phephisa ntwana kodwa ungabohlel­a izinto ngento ebangwa yibo bonke abantu. Ukhombisa ukuzithemb­a lokho yinto enhle kodwa ekugcineni wenzise okwengane kodwa siyamxolel­a, impilo iyaqhubeka. Kungcono ngoba kukhona okuncane akutholile futhi uzokwazi nokuqopha umculo wakhe ngoba ucula kahle. IMBA EQOLO IMISHADO YESIMANJE

Phumlani Shy-Guy Mvelase: Ya kona uyadula nkosi yami umshado. Kodwa uma ngabe sekuzoding­eka ngihlukane nesigidi sonke samarandi, hhayi khona. Angiyizwa kahle leyo. Ngathi kusuke sekukhona nokuhabazi­sa nje.

Thula Vico Ka Magaye: Ukuthanda kwabo abantu ukushada imishado ebizayo. Angithi abantu bafuna ukubukwa. Uma bekwazi kodwa ukuwukhokh­ela abakwenze kodwa bangabe sebesibali­sela ngokubiza kwawo.

Kholiwe Xaba: Yilokhu kukopela kwabanye engabe umuntu wenza okusemandl­eni akhe. UTHEMBISA ukukhipha isifuba ngobunzima abhekana nabo esebenzisa izidakamiz­wa uKabelo Mabalane (osesithomb­eni), ohlelweni azolwethul­a kuSABC2.

Uhlelo iKICK IT! oluqale ngesonto eledlule luhambela imiphakath­i eyahlukene kuleli lukhuluma nentsha engene shi ezidakamiz­weni.

UKabelo ebhala kuTwitter ngalo uthe, abantu bazokwazi konke okwakwenze­ka empilweni yakhe.

“Ngizobe ngikhuluma ngakho konke engabhekan­a nakho. Kusuka ebunzimeni kuya ekuphumeni kwami ezidakamiz­weni,” kuchaza uKabelo.

UCaroline Phalakatsh­ela wakwaSABC2, uthe lolu hlelo luzoshiya abaningi kukhona abakufundi­le njengoba lubheka zonke izidakamiz­wa ezisetshen­ziswayo kuleli nokuthi zingayilim­aza kanjani intsha.

Uthe uKabelo uzobe esehlangan­a nabanye abakwazile ukuphuma kuzona, asebephila impilo ehlanzekil­e. Uthe intsha ezimisele ukusizakal­a izobe isinikwa ithuba lokuhlanga­na nabeluleki nosonhlala­kahle. “Ukuba nomethuli ofana noKabelo osewadlula ekudleni izidakamiz­wa futhi ozokhuluma ngokwakwen­zeka kuye, kuzosiza abaningi.”

Uhlelo iKICK IT! ludlala kuSABC2, ngo-8.30 ebusuku.

 ??  ?? UMCULI kamaskandi uMroza Fakude ecula kwiLast Dance Music Festival eRichards Bay ngonyaka odlule, ngemuva kokunqoba emcintiswa­neni iSABC Summer Song. Wathathwa nabapikile engomeni ethi uMkhathazi noJaiva Zimnike
UMCULI kamaskandi uMroza Fakude ecula kwiLast Dance Music Festival eRichards Bay ngonyaka odlule, ngemuva kokunqoba emcintiswa­neni iSABC Summer Song. Wathathwa nabapikile engomeni ethi uMkhathazi noJaiva Zimnike
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa