Okusha ngengoma yonyaka ophezulu
KUZOSHINTSHA ukwenza emncintiswaneni wengoma ehlukanisa unyaka, iSABC Summer Song yanonyaka njengoba abaphume phambili eziteshini ngokuhlukana bezohlomula ngo-R10 000.
Lezi zindaba zivezwe ngumhleli womncintiswano, u-Owen Ndlovu.
Phambilini umklomelo wemali ubutholwa wumculi oyedwa nemoto.“Sihamba ngolunye unyawo kulokhu. Wonke umculi ozophuma phambili eziteshini ezingu-18 zeSABC uzothola uR10 000. Uzoba yinxusa laleso siteshi, aqashwe uma senza imicimbi,” kusho uNdlovu.
Uthe ozonqoba uzokhethwa ngokuvotelwa kakhulu kusetshenziswa ikhodi yesiteshi ngasinye ebhalwa nomqhafazo womculi oqokiwe.
“Wonke amavoti azohlanganiswa bese kuthi umculi obashaya emakhanda bonke athole uR150 000 nemoto entsha,” kuchaza yena.
Uthe uma umculi obashaye emakhanda ephume phambili eziteshini imali izongezwa phezu kukaR150 000.
Uthe ngenyanga ezayo bazokhipha uhlu lwabaculi abaqokiwe. “Abantu sebeqalile bayakhuluma. Kukhona abathi uSamthing Soweto, abanye babala iDistruction Boyz, kukhona abathi uMroza kungenzeka akuphinde lokho ngengoma yakhe entsha, noKwesta neSpirit bayamusho kanjalo noDr Malinga. Angazi kodwa konke kulele kubona,” kusho uNdlovu.
Emaphepheni angeSonto kusanda kuvela imibiko ethi uNdlovu ubopha iSABC ngokumkweleta uR15 million.
Nokho uthe lokhu akubuphazamisanga ubudlelwano bakhe neSABC ngeSummer Song.
“Udaba lusenkantolo futhi angifuni ukukhuluma ngalo. Kodwa asixabene,” kusho uNdlovu.
Okhulumela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago uthe uNdlovu nguye onolwazi ngezinhlelo zomncintiswano.
Kuvele nemibiko futhi ethi ukweleta u-Arthur Mafokate uR500 000. Le mali kuthiwa u-Arthur wayikhipha ngenhloso yokuthi basebenzisane kulo mncintiswano.
Uvumile ukuthi babe nesivumelwano sokusebenzisana kodwa wabuye waphuma kuso. Uthe lolo daba lusezandleni zabameli.
Kuzobe kungokwesithathu umncintiswano ukhona. Ngonyaka wokuqala kwanqoba uNathi Mankayi kwathi ngonyaka odlule kwaba wuMroza Fakude.
UNdlovu uthe abakazi ukuthi onqobile uzomenyezelwa kuphi kulo nyaka njengoba nyakenye babekwiLast Dance Music Festival.