Isolezwe

Okusha ngengoma yonyaka ophezulu

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUZOSHINTS­HA ukwenza emncintisw­aneni wengoma ehlukanisa unyaka, iSABC Summer Song yanonyaka njengoba abaphume phambili eziteshini ngokuhluka­na bezohlomul­a ngo-R10 000.

Lezi zindaba zivezwe ngumhleli womncintis­wano, u-Owen Ndlovu.

Phambilini umklomelo wemali ubutholwa wumculi oyedwa nemoto.“Sihamba ngolunye unyawo kulokhu. Wonke umculi ozophuma phambili eziteshini ezingu-18 zeSABC uzothola uR10 000. Uzoba yinxusa laleso siteshi, aqashwe uma senza imicimbi,” kusho uNdlovu.

Uthe ozonqoba uzokhethwa ngokuvotel­wa kakhulu kusetshenz­iswa ikhodi yesiteshi ngasinye ebhalwa nomqhafazo womculi oqokiwe.

“Wonke amavoti azohlangan­iswa bese kuthi umculi obashaya emakhanda bonke athole uR150 000 nemoto entsha,” kuchaza yena.

Uthe uma umculi obashaye emakhanda ephume phambili eziteshini imali izongezwa phezu kukaR150 000.

Uthe ngenyanga ezayo bazokhipha uhlu lwabaculi abaqokiwe. “Abantu sebeqalile bayakhulum­a. Kukhona abathi uSamthing Soweto, abanye babala iDistructi­on Boyz, kukhona abathi uMroza kungenzeka akuphinde lokho ngengoma yakhe entsha, noKwesta neSpirit bayamusho kanjalo noDr Malinga. Angazi kodwa konke kulele kubona,” kusho uNdlovu.

Emaphephen­i angeSonto kusanda kuvela imibiko ethi uNdlovu ubopha iSABC ngokumkwel­eta uR15 million.

Nokho uthe lokhu akubuphaza­misanga ubudlelwan­o bakhe neSABC ngeSummer Song.

“Udaba lusenkanto­lo futhi angifuni ukukhuluma ngalo. Kodwa asixabene,” kusho uNdlovu.

Okhulumela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago uthe uNdlovu nguye onolwazi ngezinhlel­o zomncintis­wano.

Kuvele nemibiko futhi ethi ukweleta u-Arthur Mafokate uR500 000. Le mali kuthiwa u-Arthur wayikhipha ngenhloso yokuthi basebenzis­ane kulo mncintiswa­no.

Uvumile ukuthi babe nesivumelw­ano sokusebenz­isana kodwa wabuye waphuma kuso. Uthe lolo daba lusezandle­ni zabameli.

Kuzobe kungokwesi­thathu umncintisw­ano ukhona. Ngonyaka wokuqala kwanqoba uNathi Mankayi kwathi ngonyaka odlule kwaba wuMroza Fakude.

UNdlovu uthe abakazi ukuthi onqobile uzomenyeze­lwa kuphi kulo nyaka njengoba nyakenye babekwiLas­t Dance Music Festival.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa