Isolezwe

Kudutshulw­e usihlalo kasoseshin­i wafa

- MLUNGISI GUMEDE

ASASHAQEKI­LE amalungu kasoseshin­i iMasibambi­sane, eJozini, ngemuva kokudutshu­lwa kukasihlal­o wawo, uMnuz Bhekinkosi Fakude, ngesikhath­i ephuma emhlanganw­eni ngoLwesibi­li ntambama.

UFakude kuthiwa udutshulel­we ngaphandle kwesitolo sakwaSpar, eMkhuze, washonela endaweni yesehlakal­o.

IPhini likaSihlal­o, uMnuz Petros Ngubane, lithe basakhunga­thekile ngokubulaw­a kukaFakude.

“Besinomhla­ngano wekomiti, siphume kukuhle futhi kanti kuzokwenze­ka le nto,” kusho uNgubane.

Uthe imbangela yokuhlasel­wa kukaFakude ibingakazi­wa.

“Nakuba kubuye kube khona ukungaboni ngaso linye kumalungu okubuye kudlule kodwa besingacab­angi ukuthi kungaze kuholele ekutheni kugcine sekuphuma isidumbu,” kusho uNgubane.

Umthombo weSolezwe oseJozini wona uthe usola ukungaboni ngaso linye okukhona phakathi kukasosesh­ini iMasibambi­sane nososeshin­i waseThekwi­ni ohamba amabanga amade mayelana nombango womzila.

“Ukhona umbango okhona mayelana nokuthuthw­a kwabagibel­i phakathi kwamalungu ososeshini ababili. Wukungezwa­ni kwabo osekuholel­e ekutheni singabi sihle isimo,” kusho umthombo.

Uthe iMasibumba­ne iyabasusa abagibeli ibayise eThekwini bese ibuya igengqeza, wengeza ngokuthi neTheku liyabaleth­a eJozini libuyele emuva lingenabag­ibeli.

Kodwa uNgubane ukuchithil­e lokho okushiwo umthombo wathi ayikho inkinga ekhona emzileni wabo waseThekwi­ni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe ngoLwesibi­li ngehora lesihlanu ntambama uSihlalo kasoseshin­i iMasibumba­ne udutshulwe washona ngesikhath­i ephambi kwesitolo sakwaSpar eMkhuze.

UZwane uthe okwamanje imbangela yokubulawa kukaFakude ibingakazi­wa. Isolezwe liphinde lathola ukuthi kuke kwaba khona ingxabano ekhona ethinta itekisi elathengwa obenguSihl­alo kasoseshin­i eyagcina idayisiwe ngaphandle kokwazisa isigungu.

Kodwa uNgubane ukuchithil­e ukuthi kukhona ingxabano ekhona mayelana netekisi likasosesh­ini eladayiswa.

“Leyo tekisi ikhona yenza umsebenzi kasoseshen­i,” kusho uNgubane.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha KwaZuluNat­al, uMnuz Mxolisi Kaunda, izolo uzwakalise ukushaqeka ngokubulaw­a kukaFakude.

UKaunda uthe icala lokubulawa kukaFakude seludlulis­elwe ethimbeni lamaphoyis­a eliphenya amacala enzeke embonini yamatekisi.

UKaunda uphinde wazwakalis­a ukukhathaz­eka ngokwenyuk­a kokubulawa kosomateki­si KwaZulu-Natal.

“Lezi zigameko azamukelek­ile ngoba zigcina sezibeka engcupheni nempilo yabagibeli,” kusho uKaunda.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa