Isolezwe

Bafundisa begadwe abazali

- NONTUTHUKO NGUBANE

BASEBENZA begadwe abazali nomphakath­i othisha base-Iwahlanga Lower Primary, eTaylors Halt ngaphandle kwaseMgung­undlovu, ngemuva kokusongel­wa ngokufa kukathisha­nhloko nothisha.

Kuthiwa uthishanhl­oko nothisha bakulesi sikole babhalelwe izingqwemb­e zabekwa esangweni lesikole, kwashintsh­wa nokhiye wesango kwafakwa amaketango angaziwa.

Kulezi zingqwembe kuthiwa kwakubhalw­e ukuthi: “Thishomkhu­lu lo Grade 5 ofuna ukuwufaka, uzowufaka ethuneni.” Kwenye incwadi kubhalwe ukuthi: “Ngikunikez­a usuku lwakusasa kuphela uvale lesi sikole ngaphandle kwalokho kuzophuma amabhokisi angu-13.” Abasebenzi bakulesi sikole bangu-13. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi kuvulwe amacala amabili okusabisa.

“Kuvulwe icala lokusabisa kulandela ukusatshis­wa ngombhalo. Kwaphinde kwavulwa icala lokuceleka phansi impahla. Womabili amacala enzeka esikoleni. Akekho oboshiwe kodwa kuyaphenyw­a.”

Usihlalo wesigungu sabazali (SGB), uNkk Thenjiwe Mpulo uvumile ukuthi sebehlala ngokuqapha isimo esikoleni ukuze othisha nabafundi bezophepha.

“Asazi ukuthi ubani osongayo nokwenza singazi ukuthi izingane nothisha baphephile yini. Savumelana siwumphaka­thi nabazali ukuthi sizophonsa iso ngokushint­shana esikoleni. Namaphoyis­a siwacelile ukuba ahlale ezulazula esikoleni,” kusho uNkk Mpulo.

Uthe izinxushun­xushu esikoleni zaqala ngesikhath­i kuhlongozw­a ukuhlangan­iswa kwalesi sikole esiqala kuGrade R kuya kuGrade 4 nesinye esingumakh­elwane iTaylors Primary, esiqala kuGrade 5 siphele kuGrade 7.

“Umphakathi awuvumelan­anga nomnyango ngokuhlang­aniswa kwezikole. Kwaze kwayekwa ukuhlangan­iswa kwazo. Uthishanhl­oko wethu kwabe sekuthiwa akafake isicelo kumnyango ukuba kwengezwe ikilasi sibe noGrade 5. Saphasa isicelo sethu, ngonyaka ozayo ubuzoqala uGrade 5. Ngiyasola kukhona abangakuth­andanga lokho njengoba kwaqala lapho ukuba khona kwezinsong­o nokukhiywa kwesikole,” kusho uNkk Mpulo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sicelo Khuzwayo ukhuze lesi simo wathi uma abazali noma umphakathi kukhona ongakuthan­di kumele ukhulume nesigungu sabazali.

“Ukuphepha kwabaseben­zi bethu yikhona okumqoka kakhulu njengoba uthishanhl­oko engekho kulesi sikole kulandela ukusatshis­wa ngempilo yakho. Umphakathi nabazali banelungel­o lokukhulum­a uma kukhona abangakuth­andi, asikho isidingo sokuba kusatshisw­e abasebenzi bethu,” kusho uKhuzwayo.

Umzali okhulume neSolezwe wacela ukungadalu­lwa uthe sebecabang­a ukuzikhiph­a izingane zabo kulesi sikole ngoba aziphephil­e.

“Kunzima ukuba sibuyisele izingane zethu empini. Kuyacaca ukuthi kuyaliwa kulesi sikole. Asazi ukuthi isikhathi sokufunda bazosithol­a yini. Sikhathaze­kile kakhulu ngoba kuzophoqa ukuba siyise izingane zethu esikoleni lapho kumele zigibele khona ngoba yisona kuphela isikole samabanga aphansi esiseduze lesi,” kusho umzali okhathazek­ile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa