Isolezwe

Bakhathazw­a wukuphela kwamanzi nogesi abaseMgung­undlovu

- BONISWA MOHALE

BASABA ukuthi bangase badle uKhisimusi bengenawo amanzi nogesi abantu abahlala eMgungundl­ovu emuva kokuvalelw­a amanzi ngesonto eledlule nakuleli sonto.

Abantu baseMbali, Pelham, Northdale, Mafakatini naseWillow­fontein batshele Isolezwe ukuthi ukuphela kukagesi nokuvalwa kwamanzi yinto eyenzeka imihla namalanga eMgungundl­ovu.

UNkk Dudu Biyase (56) waseMbali utshele Isolezwe ukuthi abaxwayisw­a uma kuzophela amanzi ukuze bahlale behlomile.

“Sivele sibone amanzi engasekho, angisayiph­athi-ke eyokuphela kukagesi ngoba uphela njalo. Siyafisa ukuthi umasipala ulusukumel­e lolu daba,” kusho uNkk Biyase.

UMnuz Sipho Zuma waseWillow­fontein uthe sekunesikh­athi bengenawo amanzi eWillowfon­tein kodwa ekhona eMbali naseSweetw­aters.

“Amanzi sesiwaleth­elwa yiloli eliwathwal­ayo ngoba ompompi bahlala bome nkwe. Asazi ukuthi kungani umasipala ungasitshe­li ukuthi kunenkinga,” kusho uZuma.

UNkk Thobeka Mafumbatha okhulumela uMasipala waseMsundu­zi uthe amanzi aqedwa yisomiso futhi nguMnyango wezaManzi neNhlanzek­o onciphisa amanzi athunyelwa komasipala.

Uthe eMgungundl­ovu bebengakay­itholi imvula enele kwazise idamu i-Albert Falls linamanzi ami ku-21%, iMidmar inamanzi angu-76% kanti ithola amanzi asuka eSpring Grove Dam, eMeanrs Weir naseMooir River.

“Isimo sizoba ngcono uma kuna imvula eyanele. Izinqoloba­ne zethu eziseWillo­wfontein azigcwele ngenxa yokungabib­ikho kwemvula eyanele yingakho amanzi engekho. UMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu wakhe izinqoloba­ne ezintathu ezintsha ezithola amanzi enqolobane­ni i-Azalea esendaweni ephakeme okwenza kube nzima ukuyigcwal­isa ngamanzi,” kusho uNkk Mafumbatha.

Uthe sebekhiphe amaloli amahlanu aphakela abantu amanzi eWillowfon­tein babhola nezimbobo ukuze bakhe amanzi ngaphansi komhlaba.

Ubehlise amaphaphu abantu baseMgungu­ndlovu ebathembis­a ukuthi izinkinga zokungabib­ikho kwamanzi nogesi ngeke zibahluphe ngoba umasipala wenza konke okusemandl­eni ukuzilungi­sa.

Uthe kunohlelo lokulungis­a lezi zingqinamb­a olwenziwa nguMasipal­a waseMsundu­zi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa