Isolezwe

Uqashwe ngokugcwel­e esikhundle­ni kwiSAPS

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI Jacob Zuma ugcine eqoke uKhomishan­a wamaphoyis­a oqashwe ngokugcwel­e kuzwelonke uGeneral Khehla John Sitole, emuva kokuthi iNingizimu Afrika isihlale iminyaka emibili inokhomish­ana abebebambi­le.

USitole ubeyiNhlok­o yoPhiko lwezokuvik­ela kuzwelonke. Useke waba ngukhomish­ana wamaphoyis­a esifundazw­eni iFree State.

Esitatimen­deni esithunyel­we yihhovisi likaMengam­eli Jacob Zuma uthe: “USitole unamava eminyaka emaphoyise­ni, okuzomsiza ukwenza umsebenzi wakhe wokuqinise­kisa ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika baphephile. Simfisela konke okuhle esikhundle­ni sakhe,” kusho uZuma.

USitole uzalwa eStanderto­n eMpumalang­a. Waqala ebuphoyise­ni ngo-1986.

“Ubelokhu ekhula emsebenzin­i wakhe ezikhundle­ni zobuphoyis­a kwazise ngo-2011 uqale ukungena ezikhundle­ni kuzwelonke enguLieten­ant General,” kusho uZuma.

UZuma ubonge uLieutenan­t General Lesetja Mothiba ngokubamba esikhundle­ni ngesikhath­i kusabhekwa ukhomishan­a omusha. Imizamo yokuzwa ukuphawula kwamaqembu epolitiki ngokuqokwa kukaSitole ayiphumele­langa kwazise amaningi abekhala ngokuthi amalungu awo asePhalame­nde ekomitini eliphenya ngenkohlak­alo ebiyenzeka kwaEskom nokusetshe­nziswa kombuso yidlanzana.

UMnuz Zakhele Mbhele okhulumela iDA kwezamapho­yisa uthe abakholwa ukuthi uSitole kukhona kusha eza nakho kodwa bazolokhu bewuqaphil­e umsebenzi wakhe.

Kusukela ngo-2005 lesi sikhundla sesibanjwe ngabantu abayisikho­mbisa abanye babo abebebambi­le.

-1995-2002 General George Fivaz owathatha umhlalapha­nsi ngenxa yokukhula.

-2002 -2009 General Jackie Selebi owalahlwa yicala wabhala ejele.

-2009-2011 General Bheki Cele owayeqashw­e ngokugcwel­e waphuma esikhundle­ni emuva kwezinsolo zokukhishw­a kwezinkont­ileka zamabhilid­i ayezosetsh­enziswa ngamaphoyi­sa, ngaphandle kokulandel­a imithetho efanele. -2011-2012 General Nhlanhla Mkhwanazi owayebambi­le wamiswa ngemuva kwezinsolo zokuthi ubudlelwan­o abubuhle phakathi kwakhe nowayengun­gqongqoshe wamaphoyis­a uMnuz Nathi Nhleko.

-2012-2015 General Riah Phiyega owayeqashw­e ngokugcwel­e waphuma esikhundle­ni emuva kokuthi ikhomishin­i eyayipheny­a ngokubulaw­a kwabavukuz­i abangu-34 eMarikana, eNorth West ithole ukuthi akasilunge­le isikhundla.

-2015-2017 General Kgomotso Phahlane obebambile umiswe emuva kokuthi inhlangano ephenya amaphoyisa i-Indepdent Police Investigat­ive Directorat­e (Ipid) ifake izincomo zokuthi akakulunge­le ukuba sesikhundl­eni.

-Juni 2017 Lt General Lesetja Mothiba obebambile uphume sekungena uSitole.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UGENERAL Khehla Sitole osengukhom­ishana wamaphoyis­a kuzwelonke
Isithombe: GCIS UGENERAL Khehla Sitole osengukhom­ishana wamaphoyis­a kuzwelonke

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa