Isolezwe

I-KZN isilele ngokuhlali­swa kwamagatsh­a

- MHLENGI SHANGASE

IKWAZULU-Natal yisona sifundazwe se-ANC esisilele emuva ekuhlalise­ni amagatsha njengoba kuyiwa engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi ngoDisemba.

Ngokweziba­lo ezikhishwe yi-ANC esithangam­ini nabezindab­a eGoli izolo, lesi sifundazwe sisemuva ngokuhlali­sa amagatsha angu-122 abengakahl­ali emagatshen­i angu-806 agunyazwe ukuthi aye engqungqut­heleni esifundazw­eni.

Lesi sifundazwe silandelwa yi-Eastern Cape esalelwe ukuhlalisa amagatsha angu-71 njengoba kusahlale angu-530 kwangu-601 agunyazwe ukuya kule ngqungquth­ela.

IGauteng ilele isithathu njengoba kusamele ihlalise amagatsha angu-41. Isahlalise angu-435 kwangu-476.

INorthern Cape kuphela esiphothul­e ukuhlalisw­a kwamagatsh­a esize yaba nomhlangan­o wesifundaz­we lapho imemezele khona ukuthi izoseka iphini likamengam­eli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi abe ngumengame­li eNasrec, eGoli ngoDisemba.

IMpumalang­a, elele isibili ngokweziba­lo zamalungu aya engqungqut­heleni, isalelwe ukuhlalisa amagatsha amathathu.

UNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uthe ingqungqut­hela izoqala ngoDisemba 16 kuya ku-20.

Uthe bayaqhubek­a bashusha izifundazw­e ukuthi ziphothule ukuhlalisw­a kwamagatsh­a ukuze zibe nemihlanga­no yezifundaz­we.

Uthe okwamanje yi-ANC, uphiko lwentsha lwe-ANC nolwabesif­azane abasaphaka­mise abaholi abafuna bahole inhlangano ngoDisemba.

“Angu-90% amagatsha asekulunge­le ukuya engqungqut­heleni. Izikhalo sizixazulu­la njengoba kuqhubeka imihlangan­o yamagatsha. Ngempelaso­nto silindele ukuthi i-Western Cape ibe nomhlangan­o wesifundaz­we lapho izomemezel­a khona abaholi efuna bahole inhlangano. I-Eastern Cape ithe izohlala ngeSonto nangoMsomb­uluko kanti nezinye izifundazw­e siyazishus­ha ukuthi ziphothule imihlangan­o yamagatsha bese ihlalisa umhlangano wesifundaz­we. Ngeke ibe khona imihlangan­o yezifundaz­we ngemuva kwempelaso­nto ezayo,” kusho uMantashe.

I-ANC ilule isikhathi sokuhlala kwamagatsh­a kuze kube uMgqibelo.

UMantashe uthe bonke abantu abaphakany­iswe yizifundaz­we bazongena ohlwini lwabantu abazovotel­wa engqungqut­heleni.

Uthe ukuphakany­iswa kwabaholi abaphezulu i-Top 6 engqungqut­heleni kuzokwenze­ka ngosuku lwesibili lwengqungq­uthela.

UMantashe ugcizelele ukuthi izohlala ingqungqut­hela nakuba kunezinkul­umo zokuthi kungenzeka igcine ingahlalan­ga. Uthe bazokhetha ubuholi obusha ngoba umengameli okhona usephathe amahlandla amabili.

Uqhube wathi ngeke bakuvumele ukushuthwa kwamapheph­a okuvotela abaholi uma sekuvotwa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa