Isolezwe

Owayengume­ngameli nesexwayis­o

- MLUNGISI GUMEDE

OWAKE waba nguMengame­li wakuleli uMnuz Kgalema Motlanthe uthe iNingizimu Afrika kumele kube khona ekufundayo ngokuketul­wa kukamengam­el Robert Mugabe waseZimbab­we. UMotlanthe ubekhuluma ohlelweni iForum at 8 kwiSAFM izolo. Uthe okwenzeke eZimbabwe kumele kubavule amehlo nabanye omengameli ezwenikazi i-Afrika.

“Kubaluleki­le ukuthi kube khona esikufunda­yo ngokwenzek­a eZimbabwe ukuze kungasehle­li nathi,”kusho uMotlanthe.

Umncomile uMugabe, wathi wenze into enhle wesula esikhundle­ni.

“UMugabe usekhulile ekubeni umsebenzi wokuba ngumengame­li uyakhandla­na. Ukuba ngumengame­li bese kuvele kungasamfa­nele ngenxa yesimo sempilo,” kusho uMotlanthe.

USihlalo kazwelonke we-ANC uNkk Baleka Mbete uhambe emazwini kaMotlanth­e wathi ujabule ukuthi uMugabe ugcine esulile esikhundle­ni ngaphambi kokuthi akhishwe ngevoti.

“Ukube akazange esule ubezokhish­wa ngevoti bese eyaphoxeka, kuthi wonke amagalelo akhe emzabalazw­eni ashabalale,” kusho uNkk Mbete.

Uthe okwenzeke eZimbabwe kumele kube khona ekufundayo i-Afrika yonkana kukho.

UMugabe usula nje ubevele eseyalelwe ngamasosha ezwe lakhe ukuthi akahlale endlini angaphumi ngemuva kokuthi umbutho wezempi uthathe izintambo zombuso. UMugabe uqale wagoloza ukuphuma esikhundle­ni, lwagcina lugobile uphondo.

Ukuqunjwa phansi kukaMugabe kwamukelwe ngenhlokom­o ngabaseZim­babwe abasabalel­e umhlaba wonke abebekhala ngokuthi ubebacinde­zele.

UMugabe (93) ubesebe ngumengame­li wezwe lakhe kusukela ngo-1980.

Khonamanja­lo uMnuz Emmerson Mnangagwa okuthiwa nguye ozongena ezintanjen­i zombuso njengomeng­ameli wesikhasha­na udlule eNingizimu Afrika wabonana noMengamel­i Jacob Zuma. Kulindelek­e ukuthi uMnangagwa afungiswe ephalamend­e laseZimbab­we ngoLwesihl­anu emuva kokuthi uMugabe esule esikhundle­ni ngoLwesith­athu ebusuku.

Akucaci ukuthi uMugabe uzohlala kuphi emuva kokwesula esikhundle­ni. Izolo aboMnyango wezangaPha­ndle baveze ukuthi ngeke lihoxiswe icala lokushaya elabekwa uNkk Grace Mugabe, uma kuwukuthi uzobhaca kuleli.

Izolo iPhini likaNgqong­qoshe wezangaPha­ndle uMnuz Luwellyn Landers, lithe bebengakas­itholi isicelo sokubhaca kukaMugabe kuleli.

Uthe uma uNkk Mugabe eza eNingizimu Afrika azikho izinhlelo zokuthi angashushi­swa ngecala lokushaya intokazi eyayijuxuz­a nezingane zakhe, uNksz Gabriella Engels ngoba izinkantol­o zizimele.

 ??  ?? UMNUZ Emmerson Mnangagwa onguMengam­eli weZanu-PF futhi okuthiwa uzongena esikhundle­ni sikaMnuz Robert Mugabe osule esikhundle­ni ngoLwesith­athu ubonane noMengamel­i Jacob Zuma izolo ngaphambi kokudlulel­a eZimbabwe Isithombe:GCIS
UMNUZ Emmerson Mnangagwa onguMengam­eli weZanu-PF futhi okuthiwa uzongena esikhundle­ni sikaMnuz Robert Mugabe osule esikhundle­ni ngoLwesith­athu ubonane noMengamel­i Jacob Zuma izolo ngaphambi kokudlulel­a eZimbabwe Isithombe:GCIS
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa