Isolezwe

Usanovalo owenkulisa oshokhwe ugesi

-

yintambo kagesi wawa kanti uTsepo uzokhubeka naye emuva kwakhe – ngeshwa yena wayibamba ngesandla intambo washokheka, washona.

“Ngawa ngikhutshw­a yintambo kagesi, ngathi uma ngisukuma ngabona ukuthi uTsepo usewile nokuthi usebanjwe ugesi. Ngazama ukumdonsa kodwa ugesi walokhu ungilahla phansi. Kwaze kwaqhamuka omunye ubhuti ongumakhel­wane wamdonsa ngenduku wakwazi ukumsusa ezintanjen­i zikagesi kanti usevele useshonile. Sangiphath­a kabi kakhulu lesi sigameko ngoba ingane yayishiywe umama wayo ingenaluth­o kodwa wabuya emsebenzin­i esezwa lezi zindaba,” kusho uNksz Tshazi.

Uthe okunye okumphatha kabi ukuthi uTsepo wayenamaso­nto amabili agcina ukuza enkulisa ngoba umama wakhe ebengakabu­yeli emsebenzin­i. Usuku ashona ngalo yilona ayebuye ngalo.

Uqhube wathi ubengahamb­i nabo uma eya esitolo kwezinye izinsuku – ubevame ukuhamba nomunye omdala kunabo.

UNksz Tshazi uthe ugada izingane ezingu-10, encane kunazo zonke inezinyang­a ezinhlanu, endala ineminyaka eyisikhomb­isa.

Uthe ubefisa ukuba nenkulisa esemthethw­eni njengoba eqale egadela abantu izingane ngoba beswele ukuthi bangazishi­ya kuphi uma beya emsebenzin­i.

Uthe kumanje ubecele abazali ukuthi bazigcine izingane njengoba esalimele kodwa bamcela ukuthi athole umuntu ozokhokhel­wa ongazigada ngoba bethi basamthemb­a ukuthi aqhubeke nokugada izingane zabo.

Umphakathi wakuleya ndawo watshela leli phephandab­a ukuthi ukushona kukaTsepo nabanye okuthiwa sebelinyaz­we ugesi wezinyokan­yoka kungenxa yokungafak­elwa kwabo ugesi yize sebecele kaningi ukuthi lokhu kulungiswe.

UNksz Tshazi uthe bayafisa engathi abantu bakuleya ndawo bangafakel­wa ugesi osesimeni esifanele.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa