Usanovalo owenkulisa oshokhwe ugesi
yintambo kagesi wawa kanti uTsepo uzokhubeka naye emuva kwakhe – ngeshwa yena wayibamba ngesandla intambo washokheka, washona.
“Ngawa ngikhutshwa yintambo kagesi, ngathi uma ngisukuma ngabona ukuthi uTsepo usewile nokuthi usebanjwe ugesi. Ngazama ukumdonsa kodwa ugesi walokhu ungilahla phansi. Kwaze kwaqhamuka omunye ubhuti ongumakhelwane wamdonsa ngenduku wakwazi ukumsusa ezintanjeni zikagesi kanti usevele useshonile. Sangiphatha kabi kakhulu lesi sigameko ngoba ingane yayishiywe umama wayo ingenalutho kodwa wabuya emsebenzini esezwa lezi zindaba,” kusho uNksz Tshazi.
Uthe okunye okumphatha kabi ukuthi uTsepo wayenamasonto amabili agcina ukuza enkulisa ngoba umama wakhe ebengakabuyeli emsebenzini. Usuku ashona ngalo yilona ayebuye ngalo.
Uqhube wathi ubengahambi nabo uma eya esitolo kwezinye izinsuku – ubevame ukuhamba nomunye omdala kunabo.
UNksz Tshazi uthe ugada izingane ezingu-10, encane kunazo zonke inezinyanga ezinhlanu, endala ineminyaka eyisikhombisa.
Uthe ubefisa ukuba nenkulisa esemthethweni njengoba eqale egadela abantu izingane ngoba beswele ukuthi bangazishiya kuphi uma beya emsebenzini.
Uthe kumanje ubecele abazali ukuthi bazigcine izingane njengoba esalimele kodwa bamcela ukuthi athole umuntu ozokhokhelwa ongazigada ngoba bethi basamthemba ukuthi aqhubeke nokugada izingane zabo.
Umphakathi wakuleya ndawo watshela leli phephandaba ukuthi ukushona kukaTsepo nabanye okuthiwa sebelinyazwe ugesi wezinyokanyoka kungenxa yokungafakelwa kwabo ugesi yize sebecele kaningi ukuthi lokhu kulungiswe.
UNksz Tshazi uthe bayafisa engathi abantu bakuleya ndawo bangafakelwa ugesi osesimeni esifanele.