Isikhalo seNatu ngezincwadi
ZINGASE zivulwe ngaphandle kwezincwadi zokufunda izikole eziziphathela imali KwaZuluNatal njengoba kuthiwa umnyango wezemfundo awuyifakile imali yokuthenga izincwadi.
Lezi zikole kuthiwa zijikelwe ngomzuzu wokugcina ngumnyango sezifake ama-oda ezincwadi kosomabhizinisi abazimele, umnyango waqhamuka usuletha izincwadi ezingazange zi-odwe.
Lokhu kuvezwe yinyunyana yothisha iNatu izolo ethe kulezo zikole ezilethelwe izincwadi ezingazange zizi-ode zingagcina sezilahliwe noma seziduvile zingasetshenziswa ngoba kulethwe izincwadi okungezona.
UMnuz Allen Thompson, iPhini likamengameli wale nyunyana, uthe umnyango ufuna ukuphuca amandla lezi zikole.
Uthe lezi zikole ziyazithengela izincwadi njengoba zinguSection 21 kodwa umnyango ufuna ukwengamela yonke into.
“Ziningi lezi zikole ezingazitholile izincwadi. Ngaphansi kwePinetown zingu-70. EZululand cishe u-80% ezingazitholile izincwadi, umnyango umane washaya ngesithende osonkontileka abaqokwe yizikole wanquma ukuzilethela izincwadi usebenzisa abanye osonkontileka,” kusho uThompson.
Ukusho lokhu ekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini, izolo.
Uthe uma umnyango ungabuyiseli amandla ezigungwini ezilawula izikole bazophoqeleka ukuthi baye enkantolo besebenzisana nalezi zikole.
“Umnyango uthengela izikole ezingu-Section 20 izincwadi, uSection 21 uyazithengela uma uno-function C okusho ukuthi imali yezincwadi ifakwa ngqo kwi-akhawunti yesikole. Kunezikole lapho othola ukuthi usonkontileka uzilethile izincwadi kodwa lutho imali, umnyango ulethe ezinye usebenzisa osonkontileka nawo. Sisola inkohlakalo kulokhu ngoba uma umuntu enamandla okwenza okuthile awukwazi ukumphuca lelo lungelo ngaphandle kwesizathu,” kusho uThompson.
Uthe inhlekelele le, wathi kuyacaca ukuthi izikole zizovalwa izincwadi zingekho. UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe wezemfundo esifundazweni uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe sebezihambisile izincwadi ezikoleni ezingu-4 227, ezingu-1116 zalezi zinguSection 21.
Uthe sebefake imali engu-R190 million ezikoleni yokuthenga izincwadi kuthi omunye u-R200 million owokuthenga ezinye izinsiza zokufunda.
“Lapho sithole khona ukuthi izincwadi zibize kakhulu, sibe sesisebenzisa uhlelo lokuthenga kanye kanye endaweni eyodwa ukuze songe imali. Songe u-R30 million ozonikwa izikole ukuze zibhekane nezidingo zabafundi. Sizoqinisekisa ukuthi izincwadi zithengwa ngendlela okuyiyo ezokonga nemali,” kusho uMthethwa.
Omunye uthishanhloko wesikole esenza kahle minyaka yonke ngemiphumela kamatric, eMlaza, ocele ukungavezwa obekhona kulesi sithangami uthe imali abakayitholi.
“Okubuhlungu ukuthi bese sizi-odile izincwadi kumuntu ophakanyiswe isigungu sabazali, gwiqiqi sekufika izincwadi ezilethwe ngomunye umuntu.
“Lokhu kusenza sibukeke kabi ngoba abazali basola inkohlakalo ekubeni kuwumnyango oqoke lo muntu esingamazi kwathina siyisikole.”