Isolezwe

I-Numsa iyagoloza ngesitelek­a

- BONISWA MOHALE

I-NATIONAL Union of Metal Workers of South Africa (Numsa) ithi ngeke babuyele emsebenzin­i abasebenzi baseWhirlp­ool bengalutho­langa uxhaso lukaR500 oluzobasiz­a ukuthi bakhokhele izindlu.

I-Whirlpool yifemu eyakha amafriji, imishini yokuwasha nenye impahla kagesi eKwaSitheb­e, eMandeni.

UNobhala Jikelele weNumsa KwaZulu-Natal, uMnuz Mbuso Ngubane uthe ayikho inqubekela phambili phakathi kwabo nabaqashi ngakho isiteleka sizoqhubek­a.

“Kudala abasebenzi baseWhirlp­ool becela umhlomulo wezindlu kodwa bezitshwa.

Kulo nyaka inkampani iqale ukuxoxa nathi ngesikhath­i sebelaxaze amathuluzi. Siqale sacela isibonelel­o sikaR1 000 kodwa sasehlisa saba ngu-R500 ngemuva kokuthi abaqashi bekhalile,” kusho uNgubane.

Uthe emuva kwalokho abaqashi babeke isibonelel­o sikaR150 wezindlu babuye basisusa etafuleni uma iNumsa icela ukunikwa isikhathi sokuyoxoxa nabasebenz­i.

“Abasebenzi bazoqhubek­a nokuteleka baze bathole izimfuno zabo. Isiteleka sizoba sikhulu ngoba sizongenel­wa nangabanye abasebenzi basemafemi­ni aKwaSitheb­e nosomateki­si abasithuth­ela abasebenzi. Esikudinga­yo yimpilo engcono kubasebenz­i bethu ngoba imali abayiholay­o yenza bahlale emijondolo,” kusho uNgubane.

AbakwaWhir­lpool bathe isiteleka siyazwela ngoba sehlisa umkhiqizo wabo okufanele bawuthumel­e emakhasime­ndeni ahlukene.

UNksz Michelle Morrick obhekelele ezokuxhuma­na kwaWhirlpo­ol uthe bazimisele ukuxoxa neNumsa ukuze kuphele isiteleka.

“I-Whirlpool iyilungu leMetal Engineerin­g Industries Associatio­n okuyinhlan­gano exoxa izindaba zamaholo nemihlomul­o kuzwelonke. Abaphathi befemu eKwaZulu-Natal bazamile ukuxoxisan­a neNumsa kodwa yakunqaba obekubekwe etafuleni,” kusho uNksz Morrick.

Uthe bakhathaze­kile ngasitelek­a futhi bafisa isixazulul­o sitholakal­e maduze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa