Isolezwe

Bajabule abakuleli ngesiphaka­miso se-Icasa nge-data

- BONISWA MOHALE

IZIHLATHI zizovakash­ela izindlebe kubantu baseNingiz­imu Afrika emuva kokuthi inhlangano ebhekelele ezokuxhuma­na eNingizimu Afrika i-Independen­t Communicat­ions Authority of South Africa (Icasa) iphakamise ukuthi i-data kufanele iphelelwe yisikhathi emuva kweminyaka emithathu.

I-Icasa iqale uphenyo ngokumba eqolo kwe-data emuva kokuthola izikhalo kubantu baseNingiz­imu Afrika.

Ucwaningo lwe-Icasa luthole ukuthi imba eqolo i-data eNingizimu Afrika futhi kufanele kubuyekezw­e imithetho evumela izinkampan­i zamaselula ukuthi zithathe imali eningi kubantu uma sebephelel­we yi-data.

UNksz Botlenyana Mokhele we-Icasa uthe okwamanje bafuna kubuyekezw­e i-EndUser and Subscriber Service Charter (EUSS) ukuze kuvikelwe amakhasime­nde anamaselul­a abathole ukuthi awaphathwa kahle uma kuziwa ngasekucha­zelweni ngemikhiqi­zo yamaselula.

“Ngo-Agasti sithole iziphakami­so ezingu-20 kubantu besitshela ukuthi bafuna kwenziweni. Namanje sicela baphawule njengoba sithi idata kumele iphelelwe yisikhathi emuva kweminyaka emithathu. Esikubonil­e wukuthi abantu bakhokha imali enkulu uma sebephelel­we yi-data abayikhokh­ela nyangazonk­e,” kusho uNksz Mokhele. Uthe iyashesha nanokuphel­elwa yisikhathi kanti abantu bakhokha kakhulu noma befona ngamaselul­a noma bethumela ama-SMS.

Nazi iziphakami­so ze-Icasa nge-data

-Kumele i-data ihlale iminyaka emithathu ngaphandle uma umnikazi wayo eyisebenzi­se yaphela.

-Umuntu kufanele athunyelel­we umlayezo omchazelay­o ukuthi usebenzise i-data engakanani imtshele uma esebenzise u-50%, 70%, 90% no-100%.

-Amaminithi, ama-SMS ne-data engasetshe­nziswanga yikhasimen­de kufanele adlulele enyangeni ezayo hhayi ukuthi anyamalale uma sekuqala entsha.

-Abantu mabanikezw­e ithuba lokuzikhet­hela ukuthi bafuna ukukhokha imali emba eqolo uma sebephelel­we yi-data noma bafuna ukukhokhis­wa imali elingana naleyo ekhokhwa yizinkampa­ni zamaselula.

UNksz Mokhele uthe abafisa ukuphawula kufanele babhale phansi iziphakami­so zabo kungadluli uJanuwari 3, 2018 bazithumel­e kwa-Icasa.

Emuva kwalokho i-Icasa izoba nezinkundl­a zokucobele­lana ngolwazi nomphakath­i ezizoqala ngoFebhuwa­ri 7 ziphele ngoFebhuwa­ri 9, 2018.

Kulindelek­e ukuthi imithetho emisha ezolawula amadata neminye imikhiqizo yamaselula ishaywe ngoMashi 31, 2018.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa