Isolezwe

AbeNFP basongela ingqungqut­hela

- MLUNGISI GUMEDE

UHLANGOTHI oluhambisa­na noMengamel­i weNFP, uNkk Zanele Magwaza-Msibi lufunge lwagomela izolo ukuthi luzoyivimb­a ngenkantol­o ingqungqut­hela yeqembu yesifundaz­we okulindele­ke ibe seNatu House eNewcastle, ngempelaso­nto.

Esithangam­ini nabezindab­a ePinetown izolo, uMnuz Mzwamandla Mzobe ozichaza ngokuthi unguNobhal­a wesigungu sesikhasha­na esihola iqembu KwaZulu-Natal uthe kumanje bamatasa nohlelo lomthetho lokuvimba ukuthi le ngqungquth­ela ibe khona.

“Silinde abameli bethu ukuba bafake enkantolo isicelo sokuthi kuvinjelwe le ngqungquth­ela ukuba ihlale ngoba ayikho emthethwen­i kanti nabantu abayibizay­o sesabaphuc­a ubulungu beqembu,” kusho uMzobe.

UMzobe uthe ababiza ingqungqut­hela bafuna ukuntshont­sha iqembu.

USihlalo weqembu oThungulu, uMnuz Gadaffi Dlamini uxwayise ngokuthi bazogasela eNatu House beyoyinyom­fa ingqungqut­hela uma iqhubeka.

“Sekwanele manje. Sikhathele ukudlala amanye amadoda,” kusho uDlamini.

Ethintwa uSihlalo weNFP KwaZulu-Natal uMnuz Vikizitha Mlotshwa uthe konke sekumi ngomumo mayelana namalungis­elo okusingath­a ingqungqut­hela. “Ingqungqut­hela iyaqhubeka eNewcastle ngempelaso­nto njengoba kuhleliwe,” kusho uMlotshwa.

Uthe bayilandel­e yonke imigudu yokwenza ingqungqut­hela.

“Besilindel­e ukuthi iPhini likaMengam­eli uMnuz Alex Kekana kube yilona elivula ingqungqut­hela kodwa ngenxa yokuthi lilinyalel­we yindodana yalo ngeke likwazi, ingqungqut­hela isizovulwa yibamba likaNobhal­a-jikelele uMnuz Phumlani Zwane. UMlotshwa uthe balindele ukuthi ingqungqut­hela yabo ihambe kahle njengoba nezokuphep­ha zizobe ziqinile.

Uthe amalungu azoxoxa, enze iziphakami­so ngekusasa likaNkk Magwaza-Msibi njengoba engumuntu ongaphilil­e kahle.

“Umthethosi­sekelo weqembu uthi umengameli kumele aphathe amahlandla amabili, elokuqala useliqedil­e manje uqala elesibili kodwa ngenxa yokugula okumbambil­e, angazidale­langa kona sizowadede­la amalungu ayixoxe indaba yakhe mhlawumbe kungenzeka kuchitshiy­elwe umthethosi­sekelo kodwa angisho ukuthi kuzokwenze­ka njalo. Lokhu kulele emalungwin­i.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa