Isolezwe

Kabayi nxanye bengemanzi ngoMugabe

-

ABOKUFIKA kuleli baseZimbab­we bathi abakazophi­ndela emakhaya yize ngoLwesibi­li uMnuz Robert Mugabe obenguMeng­ameli wezwe labo esulile esikhundle­ni sakhe, emuva kokubusa iminyaka engu-37. Yize kube nemigubho ehlukene naseThekwi­ni, abokufika bejatshuli­swa wukusuka kukaMugabe, bonke bathi kusekusha ukuthi bangabuyel­a ekhaya.

UZANELE MTHETHWA ukhulume nabanye babo abanamabhi­zinisi enkabeni yeTheku, umthwebuli uGCINA NDWALANE wathatha izithombe.

UMNUZ Mude Joe (30) wafika kuleli ngo-2009 kubo eshiye abazali, abafowabo nodadewabo. Uthe akasiboni isidingo sokujabula okwamanje ngoba alukabonak­ali ushintsho.

“Ngiyabona nje abantu bejabula kodwa angiboni ukuthi bajabulela­ni. Angikaboni ukuhluphek­a kuzophela ezweni lethu. Sesahluphe­ka kakhulu ukuthi kungenzeka ushintsho ngesikhath­i esifushane nje,” kusho uJoe.

UMnuz Shepard Jovi owafika kuleli ngo-2003, uthe uzibonela umdlalo wepolitiki nje kulokhu okwenzeka eZimbabwe.

“Bayafana bonke labo sopolitiki, yibona abebesihlu­kumeza behlangene noMugabe. Ngeke sicabange ukuthi bona bazosiphat­ha kangcono. Kube kuhle ukushenxa kukaMugabe kuphela ngokuthi ubesemdala, esebuse neminyaka eminingi kakhulu. Ngale kwalokho angiwuboni umehluko.”

UMnuz Derrick Rawz (28) oneminyaka emine afika kuleli, washiya odadewabo abathathu eZimbabwe. Uthe usafuna ukubuka isimo kuqala ngaphambi kokuthi abuyele khona. “Mhlawumbe singakhulu­ma kangcono ngonyaka ozayo sesimbonil­e nomengamel­i omusha ozovotelwa. Angisathem­bi muntu kwiZanu PF, kwayena lona ozobekwa ukubamba isikhundla angimethem­bi. Akulula ukuthemba umuntu obenza izinto ndawonye noMugabe ngoba banomqondo ofanayo,” kusho uRawz.

UMnuz Richard Chibi (28) useneminya­ka engu-12 afika kuleli. Uthe usaba ukuthi kusazosuka impi yombango wezikhundl­a eZimbabwe. Yize ebengasaku­jabuleli ukuphatha kukaMugabe, uthe abamkhiphi­le benze lokhu befuna amandla njengaye.

“Kungcono uma kungaqhamu­ka umuntu ozimele azophatha iZimbabwe, hhayi amalungu eZanu PF. Bonke abanawo umlando omuhle futhi abathembek­ile. Ngibona sengathi isimo sizobheda kakhulu ngoba bazobanga izikhundla kuchitheke igazi.”

UMnuz Trevor Chakuchich­i (41) owafika kuleli ngo-2007, uthe ubona ikusasa liqhakazil­e eZimbabwe. Uthe naye wabaleka khona ngenxa yokuhluphe­ka. Ucabanga ukuthi ukushiya kukaMugabe kuzokwenza ithenjwe amanye amazwe, kuphele nonswinyo. Uthe nesimo somnotho besishona phansi ngoba abatshali zimali bengamfuni uMugabe.

UMnuz Jahwill Marimo (28) uthe ufe olwembiza ngokushenx­a kukaMugabe. Uthe ukususwa kwakhe kufana nokusuka kukaNkulun­kulu esihlalwen­i sobukhosi.

“Ukube abantu bayazi ngabe bayakhala ngoba lokhu kusho ukulahleke­lwa okukhulu eZimbabwe. Bengifuna abuse kuze kufike isikhathi sokushona kwakhe. UMugabe ufana noMoses owathunywa ukukhipha abantwana baka-Israyeli eGibhithe. Kumanje sinomcebo wethu eZimbabwe, engibona usuzothath­wa abelungu. Yibona abajabula kakhulu ngoba sebefuna ukuzocanas­a, bathathe umcebo wethu,” kusho uMarimo.

 ??  ?? UMNUZ RICHARD CHIBI
UMNUZ RICHARD CHIBI
 ??  ?? UMNUZ TREVOR CHAKUCHICH­I
UMNUZ TREVOR CHAKUCHICH­I
 ??  ?? UMNUZ DERRICK RAWZ
UMNUZ DERRICK RAWZ
 ??  ?? UMNUZ SHEPARD JOVI
UMNUZ SHEPARD JOVI
 ??  ?? UMNUZ JAHWILL MARIMO
UMNUZ JAHWILL MARIMO
 ??  ?? UMNUZ MUDE JOE
UMNUZ MUDE JOE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa