Kabayi nxanye bengemanzi ngoMugabe
ABOKUFIKA kuleli baseZimbabwe bathi abakazophindela emakhaya yize ngoLwesibili uMnuz Robert Mugabe obenguMengameli wezwe labo esulile esikhundleni sakhe, emuva kokubusa iminyaka engu-37. Yize kube nemigubho ehlukene naseThekwini, abokufika bejatshuliswa wukusuka kukaMugabe, bonke bathi kusekusha ukuthi bangabuyela ekhaya.
UZANELE MTHETHWA ukhulume nabanye babo abanamabhizinisi enkabeni yeTheku, umthwebuli uGCINA NDWALANE wathatha izithombe.
UMNUZ Mude Joe (30) wafika kuleli ngo-2009 kubo eshiye abazali, abafowabo nodadewabo. Uthe akasiboni isidingo sokujabula okwamanje ngoba alukabonakali ushintsho.
“Ngiyabona nje abantu bejabula kodwa angiboni ukuthi bajabulelani. Angikaboni ukuhlupheka kuzophela ezweni lethu. Sesahlupheka kakhulu ukuthi kungenzeka ushintsho ngesikhathi esifushane nje,” kusho uJoe.
UMnuz Shepard Jovi owafika kuleli ngo-2003, uthe uzibonela umdlalo wepolitiki nje kulokhu okwenzeka eZimbabwe.
“Bayafana bonke labo sopolitiki, yibona abebesihlukumeza behlangene noMugabe. Ngeke sicabange ukuthi bona bazosiphatha kangcono. Kube kuhle ukushenxa kukaMugabe kuphela ngokuthi ubesemdala, esebuse neminyaka eminingi kakhulu. Ngale kwalokho angiwuboni umehluko.”
UMnuz Derrick Rawz (28) oneminyaka emine afika kuleli, washiya odadewabo abathathu eZimbabwe. Uthe usafuna ukubuka isimo kuqala ngaphambi kokuthi abuyele khona. “Mhlawumbe singakhuluma kangcono ngonyaka ozayo sesimbonile nomengameli omusha ozovotelwa. Angisathembi muntu kwiZanu PF, kwayena lona ozobekwa ukubamba isikhundla angimethembi. Akulula ukuthemba umuntu obenza izinto ndawonye noMugabe ngoba banomqondo ofanayo,” kusho uRawz.
UMnuz Richard Chibi (28) useneminyaka engu-12 afika kuleli. Uthe usaba ukuthi kusazosuka impi yombango wezikhundla eZimbabwe. Yize ebengasakujabuleli ukuphatha kukaMugabe, uthe abamkhiphile benze lokhu befuna amandla njengaye.
“Kungcono uma kungaqhamuka umuntu ozimele azophatha iZimbabwe, hhayi amalungu eZanu PF. Bonke abanawo umlando omuhle futhi abathembekile. Ngibona sengathi isimo sizobheda kakhulu ngoba bazobanga izikhundla kuchitheke igazi.”
UMnuz Trevor Chakuchichi (41) owafika kuleli ngo-2007, uthe ubona ikusasa liqhakazile eZimbabwe. Uthe naye wabaleka khona ngenxa yokuhlupheka. Ucabanga ukuthi ukushiya kukaMugabe kuzokwenza ithenjwe amanye amazwe, kuphele nonswinyo. Uthe nesimo somnotho besishona phansi ngoba abatshali zimali bengamfuni uMugabe.
UMnuz Jahwill Marimo (28) uthe ufe olwembiza ngokushenxa kukaMugabe. Uthe ukususwa kwakhe kufana nokusuka kukaNkulunkulu esihlalweni sobukhosi.
“Ukube abantu bayazi ngabe bayakhala ngoba lokhu kusho ukulahlekelwa okukhulu eZimbabwe. Bengifuna abuse kuze kufike isikhathi sokushona kwakhe. UMugabe ufana noMoses owathunywa ukukhipha abantwana baka-Israyeli eGibhithe. Kumanje sinomcebo wethu eZimbabwe, engibona usuzothathwa abelungu. Yibona abajabula kakhulu ngoba sebefuna ukuzocanasa, bathathe umcebo wethu,” kusho uMarimo.