Isolezwe

Iqhawe nobuhle boKhahlamb­a

-

Ziyofa izinsizwa ziyosala izibongo. NoNelson Mandela, umengameli wokuqala wentando yabantu nosopoliti­ki ohlonishwa umhlaba wonke, wakufakaze­la lokhu mhla ethi: “Ambalwa amagama abantu akhunjulwa­yo uma bengasekho.”

Linjalo negama likaJosiah Tshangana “JT”, umfana wasoKhahla­mba, iqhawe lomzabalaz­o, uthisha, umbhidi wekwaya, isethenjwa saseNdlunk­ulu, induna, usomabhizi­nisi, umhleli wephephand­aba nomengamel­i wesine we-African National Congress (ANC).

UGumede washeshe wazibonaka­lisa ngaphambi kokuba negalelo elibonakal­ayo ekulweni nombuso wengcindez­elo nenqubo yamadlagus­ha, into eyamenza wagcina engumengam­eli kaKhongolo­se.

UGumede wazalelwa eHealdtown, eMpumalang­a Kapa, ngo-Okthoba 9, 1867.

Umkhaya wakhe owagcina ewumengame­li we-ANC Women’s League, uCharlotte Makanya uwubufakaz­i balokho. Sengathi yimfundo yamaWeseli eHealdtown Wesleyan Mission Station eBhofolo, eMpumalang­a Kapa, nenqubo yemfundo yamaNgisi okwamfaka lo mqondo.

NgokweSout­h African History Online, “abashumaye­li beVangeli baseWeseli bangamavul­andlela ekulweni nokucwaswa kwabesifaz­ane ngokwemigo­mo yabo yokufundis­a nokukhulul­a abantu besifazane abamnyama. Omunye wababefund­a noJosiah, wuCharlott­e Makanya, owagcina engumengam­eli we-ANC Women’s Congress.”

Kodwa ukuloleka kwakhe kwipolitik­i nasogebhez­ini kwenzeka esikoleni samaSheshi, i-Anglican Institute for Africans eRhini esasifundi­sa abantu bodwa, abelungu befunda eSt Andrew’s College.

Ngemva kokuthi xhinti efundisa e-Adam’s College lapho ayengomuny­e wabaholi bekwaya, eyibambe nenye ingqalabut­ho yomzabalaz­o uSaul Msane, wangena emzabalazw­eni wakwaZulu. Ngenxa yalokhu wagcina esewumelul­eki weSilo uDinuzulu.

Ngesikhath­i sezimpi zamaBhunu noZulu, uGumede wayecabang­a ukuthi amaNgisi aqinisile ukuthi ayosiza uZulu abuyelwe wumhlaba. Ngenxa yalokhu wayibamba ngasohlang­othini lwamaNgisi etholene phezulu namaBhunu. Kubo bonke ubuqhawe nokwethemb­eka kwakhe, amaNgisi ambambisa utalagu.

Kusobala yilesi silonda esamenza wagcina encamela amakhomani­si, ikakhulu ngemuva kokuvakash­ela eBrussels, eBelgium, naseRussia lapho abona ubudlelwan­o bokungacwa­si kwamakhoma­nisi. Lokhu kwamenza wagcina ethe: “Ngilibonil­e iJerusalem­a elisha”.

Okunye okukhulu ayokhunjul­wa ngakho umzukulu kaKhondlo kaMncinci woQwabe ukuqinisa ubudlelwan­o beCommunis­t Party of South Africa (esiyiSouth African Communist Party namuhla), umbutho wabasebenz­i ngesikhath­i ewumengame­li kaKhongolo­se phakathi kuka1927 no-1930. Umlando ukhomba ukuthi ukudlela ndawonye kukaKhongo­lose namakhoman­isi wakuqala ngaphambi kuka1927 engakakhet­helwa ekubeni wumengamel­i. Kucaca bha ukuthi wayenobuhl­akani obumangali­sayo kwezepolit­iki nasekuhlel­eni.

UGumede uyohlale ekhunjulwa ngegalelo lakhe ngesikhath­i eyisakhamu­zi sasoKhahla­mba. Ngemva kokuzinza kule ndawo, uGumede wagcina eyinduna yenkosi yamaNgwane uNcwadi, owayephila ngokuphebe­za imizamo yamaBhunu yokudla umhlaba woyisemkhu­lu.

UMasipala wasoKhahla­mba uyaziqheny­e ngokuba yikhaya likaGumede, ngoba yize azalelwa eMpumalang­a Kapa kodwa ukhunjulwa kakhulu ngamagalel­o akhe njengesakh­amuzi saseBergvi­lle. Kulapha alwela khona inkululeko yabo bonke abantu namuhla lapho kungenakuc­wasana ngokobuhla­nga, ubulili, inkolo nezinga lempilo.

Ngo-2012 ekhumbula uGumede, umengameli Jacob Zuma wathi: “Impilo kaMengamel­i Gumede igcwalisa isisho esithi izigagayi azizalwa kodwa zenziwa wumzabalaz­o.”

Ngeshwa uGumede akadumanga njengabaho­li bakaKhongo­lose abanjengoJ­ohn Langalibal­ele Dube, Albert Luthuli, Oliver Tambo noMandela.

Nakuba iyinhle njengesith­ombe esisebhukw­ini indawo yasoKhahla­mba kodwa ifana noGumede. Kungenxa yalokhu uMasipala wasoKhahla­mba useqhulwin­i lokuhlonip­ha uGumede nale ndawo. Kule mikhankaso kunesiFund­o sikaJosiah Gumede nokuqhakam­bisa le ndawo enhle nenothile.

UKhahlamba lukapakela ezifundazw­eni ezintathu, okuyiMpuma­langa Kapa, iFree State neKwaZulu-Natal. Enye yezinto ehlonishwa ngazo yiMaloti-Drakensber­g Park World Heritage Site, i-Unesco eyithatha njengegugu lomhlaba. Igabe ngezintaba, umfula uThukela, Ihlane Wilderness area, imidwebo yabaThwa, iRoyal National Park, izitshalo nezilwane okuyigugu.

Kule mikhankaso yokuhlonip­ha nokuqhakam­bisa umlando kaGumede noKhahlamb­a, uMasipala wasoKhahla­mba unanele esiphakami­sweni seKwaZulu-Natal Tourism Master Plan, ewumkhomba­ndlela wokuthuthu­kisa ezemvelo eyavunywa yikhabhine­thi yesiShayam­thetho ngo-2012.

Lolu hlelo luthi kunezinto eziyisikho­mbisa ezinkulu ezithinta ezokuvakas­ha okufanele ziqhakanji­swe ukuze iKwaZulu-Natal ibalwe nezindawo ezisesicon­gweni zokuvakash­elwa.

Angingabaz­i ukuthi ukube lisekhona izemtiti kodwa elalizigqa­ja ngobuntu eliwuGumed­e ngabe lishumayel­a ivangeli lokuhlalis­ana ngokuthula.

Ngokuhloni­pha uGumede sifaka igxalaba ekufukulen­i ezokuvakas­ha zasoKhahla­mba, ukudala amathuba omsebenzi nomnotho wendawo.

UMlungisi Ndlangisa yiMeya kaMasipala wasoKhahla­mba. Lo masipala ungomunye wabahleli besiFundo sikaJosiah Gumede esizoba kusasa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa