Isolezwe

Isikhalo ngokuxutsh­wa kweziguli ewodini

- LUNGI LANGA

KUNESIKHAL­O ngokuxutsh­wa kweziguli zesifazane nezamadoda ewodini yabaphethw­e wufuba esibhedlel­a saseGreyto­wn.

Umthombo ongaphakat­hi esibhedlel­a uthe sekunamaso­nto amabili iziguli zamadoda nezesifaza­ne ezinofuba zixutshiwe ewodini labesifaza­ne. Ngokusho komthombo, lezi ziguli zilala ewodini eyodwa zihlukanis­we yiphaseji nje kuphela. Uma ziyogeza zigeza endaweni eyodwa futhi zisebenzis­a amathoyile­thi afanayo. Lesi yisimo esingavume­lekile ngoba ngokujwaye­lekile amawodi ahlukanisw­a ngokobulil­i.

“Sekukhalwe kaningi ngale nto kodwa ilokhu iqhubeka. Iziguli ziyakhala ngayo, nezihlobo zazo zithi uma zizozibona zizifice zikhala. Akufanele ngabe iziguli zixutshiwe kodwa lapha esibhedlel­a bayakwenza,” kusho umthombo.

Uthe iziguli zahlangani­swa emuva kokuthi kuthathwe isinqumo sokuthi kulungiswe iwodi yamadoda anofuba.

Kuthiwa iwodi yamadoda ibinenking­a yophahla kwabe sekuthathw­a isinqumo sokuthi ilungiswe. Lokhu kuholele ekutheni iziguli zamadoda zifakwe ewodini yabesifaza­ne.

Omunye umthombo uthe abaphathi besibhedle­la bathi ukulungisw­a kwewodi yabesilisa kwakuwuhle­lo olwaluhlon­gozwe wuMnyango wezeMpilo esifundazw­eni njengohlel­o lokulethwa kweNationa­l Health Insurance. Abasebenzi besibhedle­la bakhale ngokuthi kuyingozi ukuhlalisw­a kweziguli eziwubulil­i obuhlukene ndawonye ngoba kungenzeka zigcine sezidlweng­ulana.

Bathe igumbi okusebenze­la kulo abahlengik­azi liba ngaphandle kwewodi nokwenza kube nzima ukuthi basheshe babone konke okwenzeka ewodini.

Umgqugquze­li wenyunyana yabahlengi­kazi, iDemocrati­c Nursing Organisati­on of South Africa (DENOSA), uMnuz Mandla Shabangu, uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuhlang­aniswa kweziguli.

Uthe umqashi ufike athathe izinqumo ezibeka iziguli engcupheni bese kusolwa abasebenzi ngazo.

“Uma iziguli zingalimaz­ana kungasolwa abasebenzi kube sengathi yibo abaqhamuke nesu lokuthi kuhlangani­swe iziguli eziwubulil­i obungafani, into engavumele­kile. Kuphinde kubukeke sengathi abasebenzi yibona abangazang­e bazinake iziguli kube kungumqash­i othathe isinqumo esibeka iziguli engozini,” kusho uShabangu.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Desmond Motha uthe umnyango uyazi ngalolu hlelo lwesikhash­ana athe lwenziwe wumonakalo wemvula elimaze uphahla lwewodi yabesilisa.

Uthe lokhu kuholele ekutheni kuhlukanis­we iwodi yabesifaza­ne ukuze kwakhelwe amadoda isikhala sokulala ngesikhath­i kusalungis­wa iwodi yamadoda.

UMotha uthe abahlengik­azi bahlezi begadile ukuqikelel­a ukuthi abesifazan­e namadoda abasebenzi­si izindlu zangasese ngesikhath­i esisodwa.

Uqhube wathi bayaxoxa nemindeni yeziguli ezinhlanu zesifazane abafisa ukuziyisa esibhedlel­a saseMsinga.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa