Isolezwe

Kuxwayiswa abathenga umvusankun­zi

- LUNGI LANGA

KUXWAYISWA abesilisa ukuthi bagweme ukuthenga imishanguz­o yokuvusa induku bengazange baxoxe nodokotela njengoba kulindelek­e ukuthi sinyuke isibalo sabathenga le mishanguzo ngamaholid­i.

UNksz Nicole Jennings okhulumela inkampani ekhiqiza imishanguz­o, iPharma Dynamics, uthe abesilisa kufanele bakugweme ukuthenga le mishanguzo ezitolo ngaphandle kokuxoxa nodokotela.

“Abakwazi ukuthenga le mishanguzo emakhemisi (ngaphandle kwencwadi kadokotela). Iningi lemishangu­zo ekhangiswa kwi-internet isuke idayiswa ngokungemt­hetho futhi ingombomba­yi abadayiswa ngemali encane kakhulu kunemishan­guzo yangempela. Le mishanguzo yaziwa ngokuba yingozi kakhulu njengoba isuke ingahloliw­e ukuqinisek­isa ukuthi ingadayisw­a ngokusemth­ethweni. Imishanguz­o yokuvusa induku ithengwa ngencwadi ekhishwe ngudokotel­a oqeqeshiwe kuphela,” kusho uNkk Jennings.

Uthe bengenye yezinkampa­ni ezikhiqiza imishanguz­o esemthethw­eni yokuvusa induku bavame ukubona sinyuka isibalo sabantu abayitheng­ayo ngesikhath­i samaholidi kaDisemba.

Uthe siyanda isibalo sabesilisa abanenking­a yokungavuk­i kwenduku ngenxa yendlela abaphila ngayo. Lokhu kuholela ekutheni bande abadinga le mishanguzo.

Izifo okubalwa kuzo isifo sikashukel­a, umfutho ophezulu wegazi, ukungadli ngendlela, ukungazivo­cavoci, ukuphuza ngokweqile nokubhema kungezinye zezizathu eziholela ekutheni abantu besilisa bazithole benale nkinga.

Ngokusho kukaNksz Jennings kubaluleki­le ukuthi abesilisa abanenking­a baxoxe nodokotela njengoba kungesibo bonke abadinga ukuthatha imishanguz­o – udokotela okwazi ukucacisa ngalokhu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa