Isolezwe

I-ANC izodingida ngekusasa lobeyimeya yaseMfulen­i

- LOYISO SIDIMBA

LINGASE lidingidwe yikomiti le-ANC elibhekele ukuziphath­a ikusasa lobeyiMeya yaseMfulen­i, uMnuz Simon Mofokeng, kule nhlangano njengoSihl­alo we-ANC esifundeni iSedibeng.

UMofokeng wesule esikhundle­ni sobumeya ngoMsombul­uko ngemuva kokuthi engene ehlazweni ngokufaka isithombe sentombaza­ne eneminyaka ewu14 engagqokil­e ku-WhatsApp akuwo nabanye abaholi, kuhlangani­sa namalungu ePhalamend­e, obizwa ngeFestiva­l of Ideas.

Umthombo we-Independen­t Media uthe usihlalo wekomiti kuzobe kungumakad­ebona we-ANC, uMnuz Andrew Mlangeni, ozothatha isinqumo esingujuqu ngekusasa likaMofoke­ng. NgoLwesibi­li uMlangeni uthe uzoze abe khona ngesonto elizayo.NgoMsombul­uko isigungu esiphezulu se-ANC esifundeni saseSedibe­ng besisemhla­nganweni nesigungu esiphezulu sesifundaz­we.

UMnuz Yusuf Mahommad, we-ANC Youth Legue esifundeni iSedibeng, uthe uMofokeng akaphoqwan­ga ukuthi esule esikhundle­ni sakhe kodwa wenze into efanele.

Uqhube wathi wumkhandlu wesifunda ohlanganis­we amagatsha ayisibalo esingu-70% ongasusa uMofokeng kungenjalo kumele ehle esikhundle­ni uma sekunengqu­ngquthela elandelayo.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Lungelo Dlamini, uthe alikho icala eselivuliw­e ngalesi sehlo wathi amaphoyisa asacubungu­lisisa ulwazi.

UMnuz Kingsol Chabalala oyilungu le-DA ePhalamend­e wahlaba umkhosi ngalesi sigameko ngenyanga edlule. Uthe ukwesula kukaMofoke­ng emsebenzin­i akumele kuvimbele ukuthi lolu daba luphenywe ngabomthet­ho.

UMofokeng kulindelek­e ukuthi avele ngoLwesibi­li enkantolo yemantshi iVanderbil­jlpark lapho ezobe ezama ukumisa isivimbelo sesikhasha­na esimnqabel­a ukuthi aphinde abonane nale ntombazane eneminyaka ewu-14.

UChabalala uthe icala lencwadi yokuvikela intombazan­e liyisiqalo sokuthi uMofokeng abekwe icala ngokusemth­ethweni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa