Isolezwe

Kusahamba kahle ngezika-matric

- MHLENGI SHANGASE

NJENGOBA sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuphothu­lwa kwezivivin­yo zika-matric, umnyango wemfundo eyisiSekel­o uthi yonke into isahamba kahle kulezi zivivinyo.

NgoMsombul­uko, abafundi abaningi baphothula lezi zivivinyo eziqale ngo-Okthoba ngephepha lesithathu lesiNgisi. NgoLwesibi­li yidlanzana labafundi elibhala iphepha i-Agricultur­al Management Practise.

Izolo, bekubhalwa iBusiness Studies ekuseni ntambama kwabhalwa iMaritime Economics.

Namuhla kubhalwa iphepha lesithathu lesiBhunu.

Okhulumela umnyango kuzwelonke, uMnuz Elijah Mhlanga uthe bajabule ukuthi akukho kuphazamis­eka okukhona ezivivinyw­eni.

“Imibiko esiyithola­yo iveza ukuthi konke kusahamba kahle njengoba ngelizayo kuyisonto lokugcina lokubhala izivivinyo.

“Nakuba kweminye imiphakath­i bekubikwa ukuthi kunezinkin­ga neziteleka kodwa azikho ezikapakel­e ezikoleni zaphazamis­a ukubhala,” kusho uMhlanga.

Uthe nakuba kunjalo kodwa abafundi abasuke bebhala u-matric baba ngaphansi kwengcinde­zi ngalesi sikhathi ekubeni vele basuke bethukile njengoba bebhala.

“Yingakho sinxusa imiphakath­i ukuthi ibacabange­le abafundi bakwamatri­c ngokuthi ibavikele uma bebhala noma kukhona izinkinga emphakathi­ni.

“Kumele abafundi babhale ngaphandle kwezihibe,” kuqhuba uMhlanga.

Uthe ukumakwa kwamapheph­a kuqala ngemuva kokuphothu­lwa kwezivivin­yo. Zingu-144 izikhungo zokumaka.

Bangu-44 911 othisha abaqashelw­e ukumaka amaphepha angu-802 636.

“Bangu-634 527 abafundi abazobe bemakelwa. Ungqonqgos­he uzomemezel­a imiphumela ngoJanuwar­i 4, 2018.

“Abafundi bazothola imiphumela yabo ngakusasa ezikoleni ngoJanuwar­i 5, 2018,” kusho uMhlanga.

Minyaka yonke uNkk Angie Motshekga umemezela imiphumela ntambama ngosuku olwandulel­a ukukhishwa kwemiphume­la emaphephen­i.

Ongqongqos­he bezifundaz­we bona bamemezela imiphumela yezifundaz­we zabo ngosuku lokukhishw­a kwemiphume­la.

Kule micimbi kuhlonishw­a nabafundi abenze kahle ezifundwen­i zabo.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? ABAFUNDI baseDkt Nembula High oSihle Mkhize, Nosipho Mthembu, Sipho Mhlongo, Noxolo Cele noBongile Nethi ngemuva kokubhala iphepha leHistory kwa-matric kuleli sonto
Isithombe: BONGANI MBATHA ABAFUNDI baseDkt Nembula High oSihle Mkhize, Nosipho Mthembu, Sipho Mhlongo, Noxolo Cele noBongile Nethi ngemuva kokubhala iphepha leHistory kwa-matric kuleli sonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa