Kusahamba kahle ngezika-matric
NJENGOBA sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuphothulwa kwezivivinyo zika-matric, umnyango wemfundo eyisiSekelo uthi yonke into isahamba kahle kulezi zivivinyo.
NgoMsombuluko, abafundi abaningi baphothula lezi zivivinyo eziqale ngo-Okthoba ngephepha lesithathu lesiNgisi. NgoLwesibili yidlanzana labafundi elibhala iphepha i-Agricultural Management Practise.
Izolo, bekubhalwa iBusiness Studies ekuseni ntambama kwabhalwa iMaritime Economics.
Namuhla kubhalwa iphepha lesithathu lesiBhunu.
Okhulumela umnyango kuzwelonke, uMnuz Elijah Mhlanga uthe bajabule ukuthi akukho kuphazamiseka okukhona ezivivinyweni.
“Imibiko esiyitholayo iveza ukuthi konke kusahamba kahle njengoba ngelizayo kuyisonto lokugcina lokubhala izivivinyo.
“Nakuba kweminye imiphakathi bekubikwa ukuthi kunezinkinga neziteleka kodwa azikho ezikapakele ezikoleni zaphazamisa ukubhala,” kusho uMhlanga.
Uthe nakuba kunjalo kodwa abafundi abasuke bebhala u-matric baba ngaphansi kwengcindezi ngalesi sikhathi ekubeni vele basuke bethukile njengoba bebhala.
“Yingakho sinxusa imiphakathi ukuthi ibacabangele abafundi bakwamatric ngokuthi ibavikele uma bebhala noma kukhona izinkinga emphakathini.
“Kumele abafundi babhale ngaphandle kwezihibe,” kuqhuba uMhlanga.
Uthe ukumakwa kwamaphepha kuqala ngemuva kokuphothulwa kwezivivinyo. Zingu-144 izikhungo zokumaka.
Bangu-44 911 othisha abaqashelwe ukumaka amaphepha angu-802 636.
“Bangu-634 527 abafundi abazobe bemakelwa. Ungqonqgoshe uzomemezela imiphumela ngoJanuwari 4, 2018.
“Abafundi bazothola imiphumela yabo ngakusasa ezikoleni ngoJanuwari 5, 2018,” kusho uMhlanga.
Minyaka yonke uNkk Angie Motshekga umemezela imiphumela ntambama ngosuku olwandulela ukukhishwa kwemiphumela emaphepheni.
Ongqongqoshe bezifundazwe bona bamemezela imiphumela yezifundazwe zabo ngosuku lokukhishwa kwemiphumela.
Kule micimbi kuhlonishwa nabafundi abenze kahle ezifundweni zabo.